
UZinnbauer noNabi babalwa kwabafunwa yiZamalek
Izinkunzi zase-Egypt, iZamalek SC kubikwa ukuthi ibheke uJosef Zinnbauer noNasreddine Nabi njengoba ifuna umqeqesi omusha.
IZamalek isanda kuhlukana noJose Gomes, ojoyine iqembu laseSaudi i-Al-Fateh.
Imibiko evela e-Egypt iveza ukuthi uNabi, okwisizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs, usohlwini lwabaqeqeshi okubhekwa kubo.
Nokho, uZinnbauer, owayengumqeqeshi we-Orlando Pirates, ubonakala eyintandokazi.
Kuthiwa useable uke waba nezingxoxo nabaphathi beZamalek ngalo msebenzi.
Ngokombiko weCairo24, uZinnbauer uxhumane nezikhulu zeZamalek ngohlelo lobuchwepheshe iZoom ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Kulo mhlangano kuthiwa bekubhungwa ngokuthi angavuma yini ukuzothatha lo msebenzi nokuthi ubheke iholo elingakanani.
Uphinde waveza ukuthi noNabi uke wavela ngesikhathi kuhlanganiswa uhla lwabaqeqeshi abangase bashelwe ukuzothatha lo msebenzi.
Nokho akubukeki ingakhona ukumthola lo mqeqeshi waMakhosi njengoba eseneminyaka emibili nengxenye esele kwinkontileka yakhe.
Uma lezi zinkunzi zase-Egypt zimfuna ngampela, kuzomele zimthenge kwinkontileka yakhe.
IZamalek kumanje isendaweni yesibili kwilogi yeligi enkulu yase-Egypt ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo emine.
