Betway PremEzintsha

UBlom ubuyela ekhaya, ubolekiswe kwiStellies 

I-Stellenbosch FC isimemezele ngokusemthethweni ukusayina u-Njabulo Blom ngokubolekwa isizini esisodwa yiBorneo Samarinda yase-Indonesia.

Lesi sivumelwano siqedwe ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokusayiana abadlali ngoMsombuluko, kanti lo mdlali wasesiswini usefikile eStellenbosch lapho ezohlala khona kuze kuphele isizini.

UBlom, onemidlalo emibili kwiBafana Bafana, uthi ujabule ngethuba lokuqala kabusha ibhola elisezingeni eliphezulu.

“Ngijabule ukuba lapha nokuqala lolu hambo endaweni entsha,” kusho yena. 

“Ngibheke ngabomvu le nselelo nokwakha ubudlelwano nabanye abadlali. 

“Ngizokwenza konke okusemandleni ami ukusiza iqembu sibone ukuthi yini esingayizuza ndawonye.” 

U-Njabulo Blom ukholwa ukuthi i-Stellenbosch iyindawo efanele ukuthi athuthuke futhi abuyele ezingeni lakhe eliphezulu.

“IStellenbosch yikilabhu esebenza ngobungcweti futhi ephethwe kahle,” kwengeza yena. 

“Abadlali abake badlala lapha baphumelele, ngakho ngibone kuyindawo enhle kimi ukuthi ngikhule futhi ngidlale ibhola elincintisanayo.”

Uthe ukusebenza ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt kuzomsiza.

“Ngiyazi ukuthi uCoach Gavin ufuna lukhulu kubadlali bakhe, futhi lokho kuzongisiza ngithuthuke futhi ngibuyele ezingeni lami elihle.”

U-Njabulo Blom, owake wadlala keiKaizer Chiefs neSt. Louis City kwi-US Major League Soccer, uzogqoka ijezi elingunombolo 35 kwi-Stellies.

Angase aqale umdlalo wakhe wokuqala kwiStellenbosch uma sebhekene neChiefs mhla ka-17 kuMfumfu 2026.