Ezintsha

UHunt usolwa ngokufaka inhlabathi ekudleni kwabanye abaqeqeshi

Owayengumqeqeshi wePSL, uZipho Dlangalala ucasulwe yinkulumo eshiwo ngumqeqeshi omusha weDurban City uGavin Hunt muva nje.

UHunt ngomqeqeshi omusha ojoyine ithimba lakhe uDaine Klate, wabe esephawula ngendlela ebaxhilile abaqeqeshi baKwaZulu-Natal abazibona bebukelwa phansi.

UKlate uqokwe njengomqeqeshi weqembu le-DStv Diski Challenge kwiDurban City, lapho ezoba nesibopho sokucija izihlabani zakusasa zeqembu.

“Ungumqeqeshi omuhle, okuyinto ebaluleke kakhulu leyo,” uHunt ucashunwe esho kanje ngokuqokwa kukaKlate. 

“Akukhona nje ukuqasha umuntu, kumayelana nokuletha abantu abakwazi ukuqeqesha futhi abaziyo ukuthi benzani enkundleni yokuzilolonga.

“Asifuni abantu abakwazi ukukhuluma ngamakhompyutha, sifuna abantu baqeqeshe abadlali enkundleni, yiyonanto ebaluleke kakhulu leyo.

“Futhi ngicabanga ukuthi uyakwazi okumele akwenze, nokuthi sifuna ukusebenza kanjani, ngakho-ke yebo, uzoba yikusasa leqembu.”

UDlangalala utshele iLisenethini ukuthi uthole amagama athile esitatimendeni sikaHunt ephakamisa ukuthi abekho abaqeqeshi abanekhono KwaZulu-Natal.

“Ngacabanga ukuthi ukuqasha uDaine Klate bekuvele kuwukwedelela. Bengingazi ke ukuthi kuzogcina kuba kubi ngale ndlela,” kusho uDlangalala. 

“Kubaqeqeshi abancane abathembisayo baseKZN lokhu kungase kube yingozi. Ungangicaphuna kulokhu uma uthanda.

“Lokhu akwamukelekile. Kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isizathu sesitatimende esinjalo. 

“Kimina akukho mayelana noDaine nanoma yimuphi omunye umuntu,” kucacisa uDlangalala.

“Kumayelana nokuthukwa. Akunankinga ukukhetha umuntu omthandayo kodwa ungabe sewugxeka abanye kungenasidingo.

“Uma ukholwa ukuthi ukukhetha kwakho kuhle, yenza lokho futhi bese uma lapho. 

“Manje uGavin useqondeni uma ethi abekho abaqeqeshi abahle ngaphandle kwalo okhethwe nguye.

“Lokho yinto embi kakhulu noma ngubani angayisho ngomphakathi ogcwele abadlali nabaqeqeshi abathembisayo.” 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO