EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isikhulule omunye umdlali 

Amakhosi amemezele ngoLwesibili ntambama ukuthi ikilabhu nomdlali wasesiswini uTebogo Potsane sebevumelene ngokuhlukana ngokuthula. 

Lo mdlali odle ngejubane nomjiko ophikweni lwesinxele, uhlale amasizini amabili kulezi ziqhwaga zaseSoweto azijoyine esuka kwiRoyal AM.

Ukuhamba kwakhe kuphawula olunye ushintsho ekulungisweni kabusha kweqembu okuqhubekayo eNaturena.

UPotsane ufike kuMakhosi ngoJulayi 2023, ejoyina iqembu elimagange ukubuyisa isithunzi nezinsuku zalo zodumo. 

Abalandeli bebenethemba elikhulu lokuthi ikhono lakhe lokudabuka izitobha lizosiza ukunyusa izinga eqenjini. 

Nokho uthwale kanzima ukuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo njengoba umbango wezindawo bewumkhulu esiswini. 

Nokulimala nakho kumphazamise kakhulu lo mdlali omfishanyane esikhathini sakhe kwiKaizer Chiefs. 

Nakuba ikhono lakhe belibonakala kule midlalo ayidlaliile, ukungawubambi umgqigqo kwenze walithola amacozucozu ijezi.

Ukuhamba kwakhe kuza njengoba umqeqeshi uNasreddine Nabi eqhubeka nokulungisa kabusha iqembu lakhe. 

KuPotsane, lokhu kuvula umnyango wesiqalo esisha, ithuba lokuvuselela umsebenzi wakhe futhi athole ikhaya elisha lapho amakhono akhe angasetshenziswa kangcono.

IKaizer Chiefs, esitatimendeni sayo esisemthethweni, idlulise ukubonga kwayo kuPotsane. 

“Siyambonga ngamagalelo akhe futhi simfisela okuhle kodwa esikhathini esizayo,” kusho isitatimende seChiefs.

Njengoba iGlamour Boys iphokophela phambili ngokulungiselela isizini, igxile ekuthengeni okusha nokulungiswa kwamaqhinga.

Ukuhamba kukaPotsane kuphawula esinye isahluko ekuguqukeni okuqhubekayo kweqembu. 

Abalandeli manje sebezobheka ngabomvu ukuthi uPotsane uzophelelaphi njengoba ejoyina inqwaba yabadlali abangenamaqembu. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO