
BUKA: IMazembe isola elaseTunisia ngeziqhumane
I-TP Mazembe isisabise ngokufaka isikhalazo kwiCaf ngemuva kokusola abalandeli beClub Africain ngokuphazamisa abadlali bayo ngesikhathi bezama ukuphumula ehhotela eTunisia.
Le kilabhu yaseDR Congo ithi kudedele inhumane ngaphandle kwehhotela elihlala iqembu lalo, ngenhloso yokuphazamisa abadlali ngaphambi komdlalo obalulekile.
Esitatimendeni esishicilelwe ezinkundleni zokuxhumana, iMazembe ithe lesi sigameko senzeke ngoLwesibili, mhla ka-20 kuMfumfu, ngezithuba zabo-10 ebusuku.
Ngokusho kweqembu, iziqhumane zizwakale ngaphandle kwehhotela isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-10.
I-TP Mazembe ithi lokhu kuphazamise ukuthula kwendawo ngesikhathi iqembu lizilungiselela umdlalo obalulekile waseCaf Champions League ongeSonto.
“Abalandeli beClub Africain baphume ngobuningi phakathi nobusuku bezama ukuphazamisa ubuthongo babadlali beTP Mazembe eTunis,” kusho iqembu esitatimendeni salo.
IMazembe ithe ibheka lesi sigameko njengokwephulwa kwemithetho yomqhudelwano futhi icabanga ukuthatha izinyathelo zokufaka icala kwiCaf.
Lesi sigameko senzeke ngaphambi komdlalo obuphakathi kwala maqembu ozoba ngeSonto futhi ozonquma iqembu elizodlulela esigabeni samaqoqoqo phakathi kwawo.
Umdlalo womlenze wokuqala obungempelasonto edlule uphele zibambene ngo-1-1 eLubumbashi eDR Congo.
Kusazobonakala ukuthi iCaf izosithathela phezulu yini isikhalazo saleli qembu uma sifakwa.
- FUNDA NALA | ULeaner nesicelo kwabeChiefs
Kodwa i-TP Mazembe isiveze ngokusobala ukuthi ayizimisele ukukuthatha kancane lokhu okwenzekile.
Ithi ikubuka njengokuphazanyiswa kwabadlali bayo ngaphambi komdlalo obalulekile. Buka ividiyo yalesi sigameko ngezansi:
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
