
Uzwelo kubalandeli bebona owodumo kwiChiefs eyisi‘hlwele’
Isithombe somdlali weKaizer Chiefs uHappy Mashiane ebukeka ewusizi futhi ehlezi nezihlwele sesisuse igidigidi ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uphuma enkulisa yeKaizer Chiefs kanti kwakubhekwe lukhulu kuye.
Kodwa wehlulekile wukungena eqenjini eliqala imidlalo kule minyaka embalwa edlule.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini, ubolekiswe kwiSiwelele FC ukuze athole isikhathi sokudlala.
Kodwa kubukeka kungamhambeli kahle nakuleli qmebu njengoba engabonakali emidlalweni yayo.
Okususe ukukhathazeka ngalo mdlali wukuthi abonakale e-Orlando Amstel Arena ngempelasonto edlule.
ISiwelele besibhekene ne-Orlando Pirates kule nkundla. Nokho okuxakile wukuthi yena ubengahambi neSiwelele futhi ubezihlalele nabalandeli.
Ngemuva kwalo mdlalo, umqeqeshi weSiwelele uLehlohonolo Seema uphawule ngabadlali abebengekho kulo mdlalo.
Nokho akazange aliphathe igama likaMashiane. Ubalule elikazakwabo abasuka naye kwiKaizer Chiefs uSamkelo Zwane.
Uphinde wabalula noZakhele Lepasa noKgaogelo Sekgota naye oke wadlala kwiChiefs phambilini.
“Sinabadlali abaningi ngakho nizolokhu nibona sibashintsha nje,” kusho lo mqeqeshi.
“Sisemjahweni omude futhi abadlali bazoba khona, babuye bengabi khona ngoba bonke bayajima.
“Bonke basekhona, ongekho nguGhampani Lungu kuphela ngenxa yokulimala.”
Uthe abanye basazama ukulwela izindawo zabo eqenjini futhi bazolithola ithuba uma libafanele.
Kodwa ekaMashiane iyathusa ngoba ubengagqokile ngisho imibala yeqembu ukukhombisa ukuthi ubehamba nalo.
