
UMiguel Cardoso uveza asekufunde ngoSaleng kwiDowns
UMiguel Cardoso usedalule indlela azama ngayo ukuthola wonke umsoco kuMonnapule Saleng kusukela ejoyine iMamelodi Sundowns.
USaleng usazithola kwiSundowns ngemuva kokuyijoyina esuka kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari.
Nokho ukudlala kwakhe emidlalweni embalwa edlule akuzange kube kuhle noma ngendlela ebilindelwe.
- UKUNGABAZA
Abanye sebeqalile ukuveza ukukhathazeka ngokuthi indlela yakhe yokudlala ayihambisani neyeSundowns.
Kodwa uMiguel Cardoso usamile ekutheni bazoyithola indlela engcono yokusebenzisa uMonnapule Saleng eqenjini lakhe.
“Ngilindele ukuthi abadlali bami baqonde umculo odlalayo bese bedansa ngokuhambisana nawo,” kusho uCardoso.
“Lokhu kusho ukuthi umdlali ngamunye ngiyamazi amuhle kukho futhi ngizama ngakho konke okusemandleni ami ukumenza akhululeke.
“Kodwa badinga ukuqonda ukuthi umdlalo ngamunye ufunani bese benza lokho okudingeka ngaleso sikhathi.”
- UKUDUDUZWA
Ngemuva kokunqoba izolo kwiMarumo Gallants, ukaputeni weSundowns uRonwen Williams ubonakale ekhuluma naye ngendlela yokumduduza.
UMiguel Cardoso ube esechaza ukuthi wenzani ngoMonnapule Saleng njengoba esahlanganiswa neqembu.
“USaleng ungumdlali esisazama ukumqonda usuku nosuku, futhi sizama ukumenza aqonde ukuthi yini esiyifuna kuye,” kuchaza uCardoso.
“Angadlala kwesokunxele nakwesokudla, futhi ngokusobala izinto ezihlukene ezidingeka ezinhlangothini ngokwehlukana.
- INDIMA EHLUKILE
“Asikaze sibe nezikhathi eziningi zokuziqeqesha noSaleng ukuze simjwayeze okwenziwa eqenjini.
“Ngakho sizama ukusebenzisa lokho anakho ngokwemvelo kunokumfaka ohlelweni lweqembu.”
Bebhkene neGallants, uSaleng ubenikwe indima ehlukile, lapho engazange enze ngendlela ebilindelwe.
“Kuleli sonto, ukwenza isibonelo, ngimfake ephaketheni kwesokudla,” kwengeza uCardoso.
“Futhi ngijabulile ngibona ukuthi sesinomdlali okwazi ukudlala kulezi zikhala.
“Ngenxa yokuthi uyalithanda ibhola – usebenzisa amandla ngaso sonke isikhathi.”
