
Okwakwenza uMbatha azi uzophumelela kwiPirates
UThalente Mbatha usengomunye wabadlali abamqoka eqenjini likaJose Riveiro yize afika engabhekwe muntu.
IPirates yamdobha kade ekwiSuperSport United la abengadlaliswa khona, yacela ukumboleka ukuze imhlole.
Izinyanga eziyisithupha ayebolekiswe zona zaphela sekuvele kucacile ukuthi iPirates ngeke isamdedela.
Ungene khaxa esikwatini sikaRiveiro kanti lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uthi lokhu akummangazi.
Lokhu kungenxa yokuthi akakaze alingabaze ikhono lakhe futhi ubehlale azi ukuthi uzophumelela kwiPirates.
“Angikaze ngibe nokungabaza ngethalente enginalo,” usho kanje uMbatha ekhuluma nabezindaba kuleli sonto.
“Futhi ngesikhathi ngiza lapha (kwiPirates), ngazitshele ukuthi kuyisinyathelo lapho ngizoveza ubufakazi bokuthi nginekhono elifanele ukudlala kwiBetway Premiership.”
Uthe enye into eyamsiza wukuthi wafika ngesikhathi esikahle eqenjini, waba nesikhathi esanele sokujwayela izindlela zikaRiveiro.
UMbatha ufike ngoJanuwaro ka-2024 kwiBucs ngesikhathi kuqhubeka iCaf Africa Cup of Nations e-Ivory Coast imidlalo yeligi imisiwe.
“Ngikholwa wukuthi isizathu esenze ngakwazi ukwenza kahle yingoba besinesikhathi esanele sokuzilungiselela njengeqembu ngoba i-Afcon ibidlala ngaleso sikhathi.
“Ngicabanga ukuthi ukudlala imidlalo yobungani nomqeqeshi okholelwa kimina nakho kwangisiza ekuthuthukiseni umdlalo wami,” kusho uMbatha.
