
UZwane ‘ulandele imiyalelo’ eqhakaza kwiChiefs
USamkelo Zwane uzifake ezinhliziyweni zabalandeli beKaizer Chiefs ngeSonto.
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-20 ubudala ubegqamile njengoba ebedlala endaweni entsha, elawula umdlalo.
Imizamo yakhe isize Amakhosi anqoba ngo 1-0 ehlula iSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership.
UMfundo Vilakazi ushaye igoli lokuwina esuka ebhentshini kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Kodwa uZwane nguye obengumdlali ovelele kulo mdlalo.
Usebenzise ikhono lakhe lokujika ngendlela encomekayo, esusa imbangi phambi kwakhe, engakwenzeli ukubukisa.
Ngokudlala kwakhe, uqokwe njengeMdlali oVelele futhi ubesematheni kubalandeli abebebabaza ikhono lakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UZwane wakha ubudlelwano obuthembisayo noGeorge Matlou esiswini kwiChiefs.
Laba bobabili bakhombisa ukuthi kungenzeka ikhona into ephekwayo ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi.
Ngemuva komdlalo, uZwane uncome impumelelo yakhe ekusebenzeni kanzima nasekwesekweni akutholayo.
“Bengisebenza kanzima ekuqeqesheni,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.
“Ngibonga umndeni wami, abaqeqeshi, nomndeni weKaizer Chiefs ngokukholelwa kimi.”
Uphinde wancoma izinguquko ezenziwe, neqhinga elisha eliqhamuke nomqeqeshi.
“Sishintshe isimo kancane, futhi ngaphambi komdlalo umqeqeshi ungitshele ukuthi ngidlale ngiye phambili, ngibe semabhokisini womabili.
“Ngilandele imiyalelo yomqeqeshi futhi ingisebenzele,” kuchaza uZwane.
Abalandeli bazothemba ukuthi uZwane nozakwabo bazophinde baliphakamise izinga emidlalweni elandelayo.
Amakhosi azobhekana neFree Agents FC edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng emdlalweni weNedbank Cup ngeSonto.
