EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uvikela uDuba ‘othuke’ abalandeli

Iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs uYoussef Ben Khalil selivikele uWandile Duba ngemuva kokuhlaselwa abalandeli.

Lo mgadli osemncane ubhekane nokugxekwa ngokuphawula kwakhe akwenze ezinkundleni zokuxhumana.

Ngaphambi kokunqoba ngo 1-0 behlula iSekhukhune United ngempelasonto, uDuba ukhiphe amazwi angemahle abheke kubalandeli. 

Uthe abalandeli bavele badinwe yimiphumela bese bebhala “am*s***a,” bakhohlwe ukuthi abadlali nabo bangabantu futhi banemizwa.

Lokhu akwehlanga kahle kwabanye babalandeli abebefuna ukuthi uDuba nozakwabo banyuse amasokisi.

UKhalil ume noDuba, wathi abadlali beChiefs baqinile emqondweni futhi bayazethemba.

Uchaze ukuthi amandla abo avela endleleni okusetshenzwa ngayo nasothandweni abalutholayo ngaphakathi eqenjini.

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi abadlali bayayazi imibono yabalandeli kodwa bayayiziba, bagxile emsebenzini wabo.

“Uma ngikhuluma iqiniso, abadlali bethu baqine kakhulu, ngokwengqondo banamandla amangalisayo,” kusho uKhalil.

“Bayazi yonke into ngesimo sangaphandle. Kodwa bona basagxile emsebenzini wabo. 

“Sibanika ukuzethemba okukhulu. Siyabathanda abadlali bethu. Benza kahle kakhulu futhi bayawuhlonipha umsebenzi. 

“Siwumndeni lapha; siwumndeni ovilekalanayo futhi siyabavikela abadlali bethu.

“Asinandaba nokwenzeka ngaphandle, sicabanga kuphela ngokwenzeka emndenini wethu.

“Ngaphakathi komndeni wethu konke kuhle. Sijabule kakhulu ukuthi sisebenza esimweni esihle.

“Futhi sicabanga ngomsebenzi wethu kuphela, asicabangi nganoma iyiphi enye into.”

Ngaphambi kokuxabana nabalandeli ezinkundleni zokuxhumana, uDuba utshele abezindaba ukuthi yena akawenqeni umsebenzi wokuxazulula inkinga yokushaywa amagoli kwiChiefs.