
Okuchaza u-Eric Tinkler ngohambo olusha ne-Asante Kotoko
Iqembu laseGhana, i-Asante Kotoko, selimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa kuka-Eric Tinkler njengomqeqeshi walo omusha.
Leli qembu lithe lilethe umqeqeshi onolwazi olunzulu, onerekhodi elihle futhi owake wadlala ezingeni eliphezulu e-Afrika nase-Europe.
UTinkler uneCaf A Licence futhi usechithe iminyaka engaphezu kuka-30 ebholeni elikhokhelayo kusukela esadlala.
I-Asante Kotoko income impumelelo ka-Eric Tinkler yokufinyelela kowamanqamu kwiCaf Champions League ne-Orlando Pirates, nokuwina izicoco zasekhaya.
Usihlalo weqembu, uJames Osei Brown, uthe uTinkler ungumuntu ofanele ukuhola leli qembu.
“U-Eric uletha ulwazi olunzulu, ukuzimisela nesiko lokunqoba,” kusho u-Osei Brown.
“Uyakwazi ukuthuthukisa abadlali nokuletha imiphumela ezingeni eliphezulu.
“Yingakho sikholwa ukuthi nguyena ofanele ukuhola iqembu lethu kulesi sikhathi esibalulekile.”
UTinkler uthe ukujoyina leli qembu kumenza azizwe ehlonipheke kakhulu.
“Ngiyaziqhenya ngokujoyina elinye lamaqembu amakhulu emlandweni webhola lase-Afrika.
“Umlando walo, uthando lwalo lokunqoba nesifiso sokuthuthuka kwaziwa kuwo wonke amazwe ase-Afrika.
“Ngibheke ngabomvu ukusebenza nabadlali, abaqeqeshi nabaphathi ukuze sakhe iqembu elizowina eGhana nase-Afrika,” kusho yena.
- FUNDA NALA | Imenenja icacisa eyekusasa likaTLB
Njengoba sekuqinisekisiwe ukuqokwa kwakhe, manje amehlo aseku-Eric Tinkler ukuthi uzoqoka bani ethimbeni elizomlekelela kwi-Asante Kotoko.
Nokuthi uzokwenza kanjani njengoba eyoqeqesha ngaphandle kwaseNingizimu Afrika okokuqala nje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
