Ezintsha

UMcCarthy usevuke ngomsebenzi welesizwe 

Imibiko iveza ukuthi le nsizwa eyayingumgadli weBafana Bafana isevumelene nenhlangano eyengamele ibhola eKenya ngalo msebenzi.

Osekusele manje wukuthi kucikicwe inkontileka neminye imibandela embalwa bese isivumelwano sikhishelwe umphakathi.

UMcCarthy, ogcine ukusebenza engumqeqeshi wabagadli beqembu lokuqala kwiManchester United, umataniswe nemisebenzi eminingi yokuqeqesha muva nje. 

Umsebenzi wakhe oncomekayo kuMaZulu FC, lapho ehole khona leli qembu laqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership lathola nendawo kwiCaf Champions League, kumenze wahlonishwa kakhulu. 

Ngaphambi kwalokho ubeqeqesha iCape Town City, lapho enqobe khona isicoco seMTN8 ngo-2018.

Sekuke kwaba nanamahlebezi okuthi uMcCarthy ufunwa kwamanye amaqembu esizwe okubalwa kuwo iBafana Bafana.

Nokho, iSouth African Football Association (Safa) ayizange ikwenze kube semthethweni ukumfuna kwayo. 

Kuphinde kwaba namahlebezi okuthi iMamelodi Sundowns imfuna ukuzovala isikhala sikaManqoba Mngqithi.

Nokho lokho akwenzekanga, yalanda uMiguel Cardoso okunguye oqeqesha iSundowns njengamanje.

Manje, kubukeka sengathi usekulungele ukungena ekuqeqesheni ezingeni lamazwe ngamazwe neHarambee Stars yaseKenya.

Ukuqokwa kukaMcCarthy kungase kube nomfutho obudingeka kakhulu ebholeni laseKenya. 

Amava akhe ebhola lase-Europe, nelase-Afrika, ifilosofi yakhe yebhola elihlaselayo, kungasiza ekuguquleni iHarambe Stars.

 Uma konke kuhambe ngokohlelo, kulindeleke isimemezelo esisemthethweni maduze.