EzintshaMamelodi Sundowns

UThemba Zwane uveza ezintsha ngokwelulama kwakhe

Lo mdlali wasesiswini waklebhuka umsipha wangemuva kwesithende ngo-Okthoba ngesikhathi ekwiBafana Bafaba ibhekene neCongo. 

Uhlinziwe kanti bekulindeleke ukuthi abuye esigabeni sokugcina sesizini ka-2024/25. Kodwa ngathi uzoshesha kunalokho.

“Bekunzima ekuqaleni,” kuvuma uZwane. “Kodwa ngokwesekwa yiqembu lami nomndeni, ngiphumelele.” 

Manje uZwane useqalile ukugijima futhi futhi uthi uzizwa engcono kakhulu. 

“Angizwa ubuhlungu, kodwa umsipha wesithende wona usaqinile. Kodwa kuze kube manje, kuhle kakhulu.”

Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ubhekene nenselelo yokubuyisa indawo yakhe ngaphansi komqeqeshi omusha weSundowns uMiguel Cardoso.

Lo mqeqeshi ufike ngoDisemba kwiSundowns ngesikhathi uMshishi esalimele. 

Noma kunjalo, uMshishi uzimisele ukulwela inddawo yakhe ukuze abuyele nakwiBafana, ayodlala i-Afcon ka-2025 eMorocco.

“Konke kumayelana nenkolelo,” kusho uZwane. “ISundowns inabadlali abaningi abayikhwalithi ephezulu.

“Kodwa kuba umqondo wakho owenza umehluko. Uma unamandla ngokwengqondo, uzophumelela.”

Ubekhuluma eseChloorkop ngesikhathi bezokhonjiswa indebe yeFifa Club WOrld Cup. 

ISundowns izohambela e-USA ngoJuni ukuyodlala kulo mqhudelwano osunamaqembu angu-32. 

Uma inkontileka yakhe ivuselelwa kwiDowns, uZwane ufuna ukubonakala okwesibili kwiClub World Cup.

ISundowns yaya kulo mqhudelwano ngo-2016, kodwa kwasheshe kwayibhimbela. 

“Besilinde lesi sikhathi. Izinga laliphezulu ngo-2016, kodwa kulokhu sesilungile,” usho kanje.