DStv Premiership

Okubhekwe uMiguel Cardoso kwiSundowns kowamanqamu 

UMiguel Cardoso uthi iMamelodi Sundowns kumele idlale ngendllea ephelele uma ifuna ukushaya i-AS FAR emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCAF Champions League ngeSonto.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoba seLoftus Stadium. Umdlalo uqala ngo-4pm.

ISundowns inerekhodi elincomekayo uma ibhekene namaqembu aseMorocco kule nkundla. 

ISundowns ingene kowamanqamu weCAF Champions League okwesine emlandweni weqembu. 

Phambilini bahlulwa yi-Al Ahly SC ngo-2001, yabe seyihlula iZamalek SC ukuze inqobe le ndebe ngo-2016.

Ihlulwe yiPyramids FC kowamanqamu ngesizini edlule.

UMiguel Cardoso, nokho, ugcizelela ukuthi umlando nezibalo akusho lutho.

“Ngokusobala, umdlalo ophelele uzosivumela ukuthi sisebenzise lesi simo,” kusho uCardoso. 

“Ingabe siyakwazi ukukwenza? Yebo siyakwazi ukukwenza.”

UMiguel Cardoso ukholwa ukuthi iMamelodi Sundowns kumele idlale ngokucophelela ukuze iye eMorocco inethuba elihle.

“Ingabe sizibophezele futhi sikulungele ukufaka amandla afanele ukuze sinqobe? Yebo kunjalo,” kwengeza yena.

“Ingabe sidinga usizo lwabalandeli bethu ukuze basijabulele futhi basifake amandla? Yebo siyakudinga lokho.”