EzintshaKaizer Chiefs

OweChiefs uchaza ngokwenze uGlody Lilepo akhumule ijezi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usezwakalise ukuphatheka kabi ngokukhishwa ngekhadi elibomvu kukaGlody Lilepo ngoMgqibelo.

ULilepo ube yiqhawe, kodwa masinya wazithola ebeka iqembu engcupheni ngemuva kokushaya igoli lokunqoba bebhekene naMaZulu FC.

Lo mdlali wasophondweni odabuka eCongo ushaye igoli ngomzuzu ka-68 kulo mdlalo weBetway Premiership obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Leli goli lenze iChiefs yanqoba ngo 1-0, futhi yaqinisa indawo yayo yesithathu kwilogi njengoba isivule igebe lamaphuzu angu-10. 

Nokho, ukujabulela kwakhe igoli kuze nobumuncu njengoba ekhumule ijezi.

Lokhu kuholele ekhadini lesibili, nokuthi akhishwe kulo mdlalo. 

UKaze ethi lesi sigameko siyadumaza, ikakhulukazi njengoba uGlody Lilepo esezophuthelwa wumdlalo wokugcina weligi weChiefs kule sizini.

“Kudingeka siqaphele ngoba ubesevele enekhadi eliphuzi futhi wakhumula ihembe lakhe njengoba ejabula,” kusho uKaze.

“Lokho kusho ukuthi sizongabi naye emdlalweni wokugcina, okuyisimo esingesihle.”

Nokho lo mqeqeshi waMakhosi ukuvezile ukuthi uyakuqonda ukuthi uGlody Lilepo ubelawulwa yimizwa.

“Kwesinye isikhathi kumele ubuye uqonde injabulo ehambisana nokukhululeka kokushaya amagoli,” kuchaza uKaze. 

“Okuhle ke nokho wukuthi sinamaphuzu amathathu esiwathole kulo mdlalo.”

UKaze uphinde waxwayisa ngokuthi iqembu kumele lifunde kulesi ukuya phambili.

“Ngokuzayo sidinga ukuqaphela izinto ezifana nalezi,” kwengeza yena.

IChiefs manje izolungiselela umdlalo wayo wokugcina neChippa United khona eMoses Mabhida Stadium ngaphandle kwalo mdlali.

Yize emisiwe, uGlody Lilepo wenze kahle kulo mkhankaso njengoba enamagoli amahlanu futhi esize ekwakheni amane emidlalweni engu-27 yeligi.

Nokho ukumiswa kwakhe kusho ukuthi uzophuthelwa wumdlalo wokuvula ngesizini ezayo.