
ISekhukhune ‘igabhe’ inqwaba – okuhlanganisa noMbule
ISekhukhune United isikuqinisekisile ukuthi isimkhululile uSipho Mbule eqenjini layo ngemuva kokuphela kwesikhathi sokubolekiswa kwakhe.
Ngokwayo, lo mdlali uphindele kwiMamelodi Sundowns ebimboleke kuyo ekuqaleni kwale sizini.
Nokho sekuyinto eyaziwayo manje ukuthi uSipho Mbule uselitholile iqembu elisha njengoba esevele ethuliwe yi-Orlando Pirates njengomdlali wayo.
Kodwa ngoLwesibili ntambama, iSekhukhune ibone kunesidingo sokuthi nayo yenze isiqinisekiso ngasohlangothini lwayo.
Iphinde yamemezela ukuthi uKatlego Otladisa, ebimbilekwe yi-Orlando Pirates, naye usekhululiwe wabuyela kuyo.
Laba bobabili bayingxenye yabadlali abayisikhombisa abamenyezelwe ngoLwesibili ntambama njengabakhululiwe kuleli qembu laseLimpopo.
Ngasekuqaleni kosuku, iBabina Noko ibimemezele ukuhamba kukanozinti ongumakadebona u-AlI Badra Sangare.
Omunye unozinti, uLloyd Kazapua naye ukhululiwe. Inkontileka yakhe nezoKamohelo Sithole noMiguel Dias azivuselelwanga.
U-Alves Ngakosso noLindokuhle Mtshali bona bavumile ukuthi izinkontileka zabo zinqanyulwe ngokuvumelana nekilabhhu.
“Siyakwazisa ubuqotho nokusebenza kwabo kanzima nokuzibophezela ngesikhathi sabo nathi,” siho kanje isitatimende sale kilabhu.
