
Usefikile eNaturena uChisslett, nomgadli obatshazwayo
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usiqinise kakhulu isitolobho ngenjoba kulungiselelwa isizini ka-2025/26.
Kubikwa ukuthi Amakhosi aqale ngokusemthethweni ukuziqeqesha kabili ngosuku eNaturena.
Futhi manje njengoba isikwati sesiphelele, ukuziqeqesha sekusezingeni eliphezulu impela.
Kubikwa nokuthi ngokokuqala ngqa abadlali abasha u-Ethan Chislett noFlavio Silva babonakale eChiefs Village ngoMgqibelo.
Bajoyine ozakwabo abasha ukuze baqhubeke nokuzicijela isizini entsha okubhekwe lukhulu kuyo.
Ukufika kwalaba ababili kuthiwa kwengeze isasasa ekhempini njengoba manje sekubhekwe ukuthi bajwayelane nozakwabo.
IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ukuthi bonke abadlali abebesemaqenjini esizwe ngesikhathi sewindi leFifa ngoJuni babuyile ngemuva kukaJuni 27.
Lokhu kusho ukuthi ithimba labaqeqeshi manje selinesikwati esiphelele njengoba kulungiselelwa ukuya ekhempini eNetherlands ngesonto elizayo.
Amaseshini amabili ngosuku akhombisa inhloso enkulu yomqeqeshi uNabi, ohole iKaizer Chiefs yanqoba iNedbank Cup ka-2025.
Nokho kube nechashaza elibi njengoba iqembu liqede endaweni yeshumi kwilogi yeBetway Premiership okube yinto edumazayo.
Njengoba okulindelekile kuphezulu futhi abalandeli befuna ifake inselelo esicocweni seligi, Amakhosi ayaqinisa impela emalungiselelweni awo.
