
Ohalelwa yiPirates neDowns akaziboni ehlala kakhulu kwiCity
Umdlali osemncane osekuvele ukuthi uhalelwa yizinkunzi zaseGauteng i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns useveze isifiso sokusheshe asuke kwiDurban City.
UTylo Sanger, oneminyaka engu-22 ubudala, useveze ukuthi uhlose ukushiya maduze kwiCity.
Nokho lokhu akuhlobene nokuvela kokuthi uhalelwa amaqembu amakhulu kuleli, yingoba efisa ukuyodlala e-Europe.
USanger ujoyine iDurban City esuka kwiCape Town Spurs ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Futhi usesheshe wazitholela indawo eqenjini likaKhalil Ben Youssef, edlala eceleni kukaBrooklin Poggenpoel.
Emidlalweni yakhe eyisithupha selokhu afika, uSanger usezuze imiklomelo emibili yeMan of the Match, bebhekene neRichards Bay neKruger United.
Lokhu sekumenze waba ngomunye wabadlali abambalwa asebephumelele ukuthola lo mklomelo izikhathi ezingaphezu kwesisodwa kule sizini.
Kusanda kuvela ukuthi iSundowns isiqalile ukubheka amathuba okusayina lo mdlali.
Kodwa kuthiwa ayikafinyeleli esivumelwaneni naye noma nekilabhu yakhe, kanti kukhoa ne-Orlando Pirates emaqenjini amfunayo.
USanger yena ukholwa ukuthi ikusasa lakhe likude neNingizimu Afrika.
“Ngizizwa sengathi njengamanje ngibheke kude,” kusho yena ekhuluma nabeHollywoodbets Sports Blog.
- FUNDA NALA | UCardoso uphawula ngokusayinwa kukaMatuludi
“Ngingakutshela ngokuzethemba ukuthi ngeke ngibe lapha isikhathi eside. Ngizozithola sengiya e-Europe maduze.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
