EzintshaMamelodi Sundowns

Ucashe ngesithupha uCardoso ebuzwa ngoMatuludi

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, wenqabile ukuqinisekisa imibiko ethi umdlali wasemuva wePolokwane City, u-Thabang Matuludi, usesayine eqenjini lakhe.

UMatuludi umataniswa kakhulu nokuthuthela kumaBrazilians, kanti imibiko ithi iSundowns isifinyelele esivumelwaneni nePolokwane City ngalo mdlali.

Ebuzwa ngale mibiko, uCardoso ubonakale emangele ngokuthi kungenzeka isimemezelo senziwe maduze.

“Wazi okuningi kunami. Uyangitshela ukuthi ezinsukwini ezizayo kuzomenyezelwa umdlali.

“Kodwa angikwazi ukuphendula ngoba anginalo lolo lwazi mina,” kusho u-Miguel Cardoso.

Ugcizelele ukuthi yena uzokhuluma kuphela ngabadlali uma sebemenyezelwe ngokusemthethweni yikilabhu.

“Ngikhuluma ngoDeano ngoba usefikile futhi ukhona. Noma yimuphi umdlali osemenyezelwe ngokusemthethweni, singakhuluma ngaye,” kusho yena.

UMatuludi, osehlale kwiPolokwane City kusukela ngo-2021, kanti usezakhele igama njengomunye wabadlali basemuva abasezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika. 

Uke wadlalela neBafana Bafana futhi ungomunye wabadlali abathandwa kakhulu.

Ngaphambi kokuvela kokuthi usesayine kwiSundowns ngoLwesithathu, ubemataniswa nane-Orlando Pirates.

AmaBhakabhaka asale eshoda kule ndawo kulandela ukudedela kwayo oThabiso Lebitso noDeano Van Rooyen muva nje.

Kodwa-ke njengoba u-Miguel Cardoso engaphumelanga obala, cishe ukuqagula ngekusasa lika-Thabang Matuludi kusazoqhubeka kuze kube kuyaqinisekiswa.