Ezintsha

Kusolwa ‘ijiki’ kuKnox Mutizwa osephindwe yizembe

Umakadebona womgadli wePSL, uKnox Mutizwa usephinde wazithola engenaqembu.

Lokhu kwenzeka nje kusaphele isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha esayinwe yiRichards Bay.

Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala waxoshwa kwiGolden Arrows – la ashaye khona amagoli amaningi – ngasekupheleni kwesizini edlule.

Uzoshwa nje nakhona kwavela amahlebezi okuthi inkinga kwaba yiwo amankwebevu asewathanda ukwedlula cishe yonke enye into. 

Kubikwa ukuthi umqeqeshi uManqoba Mngqithi nguye owafika wakhala ngendlela aziphethe ngayo uKnox Mutizwa, wabe esethi akakhululwe.

Lokhu kwakulandela ukukhathazeka ngokuziphatha kwakhe, nezinsolo zokweqisa kakhulu ezinkambeni zikaFaro.

Ngemuva kokushiya kuBafana Bes’thende, uKnox Mutizwa ube nenhlanhla, washeshe wathathwa yiRichards Bay FC.

Kuyona udlale imidlalo eyishumi nambili yeBetway Premiership washaya igoli elilodwa nje vo.

Nokho isikhathi sakhe nakwiNatal Rich Boyz sesisheshe saphela njengoba leli qembu selinqume ukumdedela.

Imibiko iphakamisa ukuthi inkinga kube ngefanayo nemqhathe ne-Arrrows – ukungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla. 

Futhi lokhu manje kuphakamisa eminye imibuzo mayelana nekusasa lalo mgadli odabuka eZimbabwe kwiPSL.