EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou usolwa ngephutha elingashwebisa iPirates iligi

Ingwazi ye-Orlando Pirates u-Albert “Bashin” Mahlangu isikhombe lokho ekholelwa wukuthi yiphutha elibi kakhulu lomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou. 

Lo mgadli wodumo ukholwa ukuthi leli phutha lingase libe nomthelela ongemuhle emjahweni waleli qembu wesicoco seBetway Premiership.

Leli qembu lika-Ouaddou libambene ngezihluthu nompetha abavikela isicoco iMamelodi Sundowns. 

Njengamanje amaBhakabhaka yiwo ahamba phambili ngamaphuzu angu-51 emidlalweni engu-22.

Nokho ashiya iSundowns ngephuzu elilodwaekubeni yona isenemidlalo engu-21.

Yize yenza kahle futhi idlala ibhola elihle, kodwa iPirates iyahluleka uma seyiphambi kwamapali. 

Iqembu lisaqhubeka nokwakha amathuba kodwa livamise ukuhluleka ukuwavalela enethini.

UMahlangu ukholwa ukuthi isinqumo sokubolekisa ngoTshegofatso Mabasa kwiStellenbosch FC ngoJanuwari sililimazile iqembu.

“Kimina, ngicabanga ukuthi umqeqeshi wenze iphutha ngesikhathi ekhulula uMabasa. 

“Ukube besinomgadli onjengoMabasa ngabe sihamba phambili kakhulu manje,” kusho uMahlangu kwiSoccerbeat Podcast.

“Uma ubheka amathuba esiwakhile kodwa sehluleka ukuwasebenzisa, uMabasa ubezokwenza kangcono ngawo.”

Selokhu kuhambe uMabasa, u-Ouaddou uthembele kuYanela Mbuthuma no-Evidence Makgopa.

Laba bagadli banamagoli angu-13 phakathi kwabo ngemuva engu-22 yeligi. 

Nokho bobabili babhekane nokugxekwa ngabalandeli ngokuhlulwa amathuba alula.

“Angisho ukuthi uMbuthuma noMakgopa abekho ezingeni, kodwa wonke umdlali unesitayela sakhe,” kuqhuba uMahlangu.

“UMabasa ngabe uwasebenzisile amanye alawo mathuba, futhi ngabe sikude kakhulu manje.”

Ukhombe ukudlala kahle kukaMabasa kwakamuva kwiStellies njengobufakazi obengeziwe bobukhali phambi phambi kwepali.

“Usanda kushaya amagoli amabili lapho ekhona manje, futhi lokho kukutshela ngokusobala ukuthi ubengasisiza kakhulu,” kusho uBashin.