EzintshaMamelodi SundownsOrlando Pirates

ISundowns isiphinde yashiya iPirates ‘incela isithupha’

IMamelodi Sundowns iphinde yayigabisela ngezithende i-Orlando Pirates embangweni wokusayinisa abadlali.

Leli qembu laseChloorkop seliqiniseke ukusayiniswa kukaThabang Matuludi oqhamuka kwiPolokwane City.

Lo mdlali wasemuva kwesokudla oneminyaka engu-27, ubeyingxenye yeqembu leBafana Bafana kwiFIFA World Cup ka-2026.

Ubengomunye wabadlali basemuva abebeqhuba kahle kakhulu kwiBetway Premiership kule embalwa minyaka edlule.

ISundowns inqume ukumthatha ngemuva kokulimala isikhathi eside kukaKhuliso Mudau, obengumdlali wayo wokuqala emuva kwesokudla. 

Kubikwa ukuthi isivumelwano noMatuludi nePolokwane City siqedwe kahle ekuqaleni kwaleli sonto.

ISundowns imemezele ukufika kwakhe ngokuthi: “UThabang Matuludi ujoyine iYellow Family. 

“UThabang Matuludi usengowethu ngokusemthethweni! Lo mdlali wasemuva usekulungele ukuthatha igxathu elilandelayo naBafana Ba Style.”

I-Orlando Pirates nayo kubikwa ukuthi ibimfuna lo mdlali, kodwa iMamelodi Sundowns yafika kuqala kuye.

Lokhu sekungokwesibili kuleli windi iSundowns ihlula iPirates emjahweni wokusayinisa umdlali, ngemuva kokuthatha uSiyanda Ndlovu weGolden Arrows.

UMatuludi uba ngumdlali wesibili wasemuva kwesokudla osayinwe yiSundowns muva nje, kulandela uDeano Van Rooyen, obekhululwe yiPirates.

ISundowns iphinde yathatha uThabo Cele ngemuva kokuthi eqede inkontileka yakhe neKaizer Chiefs kulo leli sonto.