
UPieterse uveza okwenza uDion abe ‘yimali yesishebo’ kwiDowns
USede Junior Dion weGolden Arrows usephenduke imali seyishebo eyabonwa uBhekumuzi Luthuli kwiMamelodi Sundowns.
Futhi manje unozinti walezi zinkuzi zaseCjloorkop, uReyaad Pieterse useqhathanise lo mgadli nowayengumgadli weSuperSport United uJeremy Brockie
Lokhu kungemuva kokuba lo mdlali wase-Ivory Coast eqhubeka nokuzitamuzela amagoli uma ebhekene neSundowns.
UDion useshaye amagoli amaningi kumaBrazilians kunanoma yiliphi elinye iqembu kwi-PSL — usenayisishiyagalombili.
NguSiyabonga Nomvethe kuphela, onamagoli ayishumi, oseamaningi kunaye uma ebhekene neSundowns emlandweni wePSL.
Ekhuluma kwiPitchside Podcast yeSundowns, uPieterse uthe ubungozi bukhona, kodwa akaboni ukuthi yingoba unenxa yeDowns.
“Khona kuyenzeka umgadli abe nento yeqembu elithile,” kusho lo nozinti.
“Kodwa ngihlala ngithi unozinti muhle ngezinga lezitobha zakhe, ngoba kuwumzamo wabo bonke.
“Uma ubheka uDion, ukunyakaza kwakhe kuhle kakhulu. Ungomunye wabadlali abangesabi, abasebenza kanzima.
“Kwesinye isikhathi lowo msebenzi onzima uthela izithelo ezinhle.”
Uqhube wathi akulona nje ikhono lokushaya igoli kuphela elenza uSede Juior Dion abe yingozi kwiMamelodi Sundowns.
“Noma kungaba wuqhwasha weshodi, hhayi ukuthi yilokho akwenzayo, kodwa ngithi ukuphikelela nomsebenzi onzima kuyamziza, kumenza azithole amabhola ephelela kuye.
“Kodwa angicabangi ukuthi kuyinto okufanele sikhathazeke kangako ngayo,” kwengeza uPieterse.
Ukumqhathanisa noBrockie kuvele ngesikhathi uPieterse ekhuluma ngokulungiselela kakhulu umuntu oyedwa uma kunamabhola abekwe phansi.
“Ngiyakhumbula kwakunenkathi lapho sasigxila khona kuJeremy Brockie (esadlala kwiSuperSport).
“ Kwakuthi njalo, singalindele aqhamuke ngasemuva kwawo wonke umuntu,” kuchaza lo nozinti.
“Manje ngibona sengathi kuyafana nalokho, kugcina sekuphathelene namabhola abekwe phansi, ngoba sisuke sibheke ukuthi ibhola lingapheleli kuye.”
- FUNDA NALA | IDows iphinde yashiya iBucs incela izithupha
Ngamafuphi: iMamelodi Sundowns yazi kahle ukuthi ubungozi bukaSede Junior Dion bukuphi.
Kodwa ukugxila kakhulu ekumvimbeni ukuthi angayilimazi cishe yikho okugcina kumsebenzela lo mgadli.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
