EzintshaOrlando Pirates

Obemataniswa ne-Orlando Pirates uveza okwenze angayi kuyo

Lo mgadli osedlale eMalta, eLithuania, ePortugal, e-Armenia, naseBulgaria phambilini, ubemataniswa kakhulu ne-Orlando Pirates.

Kodwa bekungaba yisinqumo esinzima kuye ukuthi ajoyine i-Orlando Pirates. UClifford uthi yiKaizer Chiefs eyamenza wathanda ibhola.

Futhi uthando lukayise lweChiefs lwenza kwaba nzima ukucabanga ngokujoyina izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates, yize kade emataniswa nayo kule minyaka emibili edlule. 

“Ubaba ungumlandeli wokuqina weChiefs. Umdlalo wokuqala engawubuka engawubuka bukhona kwaba yiSoweto Derby eFNB Stadium. 

“Kulapho ngavele ngazi khona ukuthi ngifuna ukuba ngumdlali webhola,” kusho uClifford kwiSoccer Laduma.

Ngemuva kokukhuliswa ohlelweni lokuthuthukiswa kwamakhono kwiSuperSport United, uClifford wathatha isinyathelo esinesibindi waya phesheya.

Ube nesikhathi esiyimpumelelo, ewina indebe iLithuania Cup futhi waba namasizini amabili amahle e-Armenia ngaphambi kokujoyina u-Etar Veliko Tarnovo eBulgaria.

Manje, usebuyele eNingizimu Afrika — ulambele ukuzakhela igama ekhaya, unamava futhi usekulungele.

“Bekunentshisekelo evela emaqenjini ambalwa. Kodwa iGallants iyona engiyibone ingifanele futhi yenza izinto ngokushesha. 

“Ngifuna ukuyibuyisela ngokukhombisa leyo nkolelo kimi,” kuqhuba lo mdlali.

Ngesikhathi ebuzwa ngentshisekelo ebikiwe yePirates, uClifford ukhombise ukukhula nokuhlonipha umsebenzi.

“Ngiyibone kwabezindaba leyo. Angicabangi ukuthi i-Orlando Pirates ibingifuna kangako. Kufanele futhi ucabangele umsebenzi wakho uwonke. 

“IPirates ineqembu elizinzile, kodwa ngibheke lapho ngingangena khona kangcono — futhi ngizwa sengathi iGallants ingaphonsela inselelo noma ubani kule ligi.”

Nakuba engakuohiki ukuthi mhlawumbe uyoya kulezi zinkunzi zaseSoweto esikhathini esizayo, uClifford ukubeke kwacaca ukuthi inhliziyo yakjhe iseNaturena.

“Ngicabanga ukuthi ngenze isinqumo esifanele — sifanele kimi nasemndenini wami,” kusho lo mdlali odabuka eMpumalanga.