
Ezishaqisayo ngesimo sikaRulani Mokwena kwiWydad
Ezindabeni ezishaqisayo, sekuvele ukuthi uRulani Mokwena sekuphele izinyanga eziyisishiyagalombili engaholi kwiWydad Athletic Club.
Lezi zinkunzi zaseMorocco zamqasha ngoJulayi ka-2024 ngemuva kokuxoshwa kwakhe okwamangaza abaningi kwiMamelodi Sundowns.
Manje, uRulani Mokwena ubhekene nesinqumo esikhulu — ukushiya ngokushesha kulo msebenzi noma aqedele le midlalo emihlanu yokugcina yesizini.
Lo msebenzi obubukeka uwukufezeka kwephupho kuye, kubikwa ukuthi sekuphenduke isiqephu esimuncu empilweni yakhe.
I-SABC Sport ibika ukuthi uRulani Mokwena akakaze ahole nakanye kusukela afudukela kuleli qembu elizinze eCasablanca.
Kuthiwa ubeze asebenzise eyakhe imali ukuthenga izinsiza ezithile zokusiza iqembu uma lizicija.
Ithimba lakhe elimkelelelayo – okukhona kulo u-Allan Freese, uSinethemba Badela, noSean Louw — nalo aliwazi nhlobo umholo kuleli qembu.
Phezu kweseluleko sezomthetho, uRulani Mokwena akakalusukumeli lolu daba ngokuthi alufake kwiFifa.
Usayine inkontileka eyoze iphele ngoJuni ka-2027 naleli qembu elingelinye lahlonishwayo ebholeni lase-Afrika.
Kodwa isimo manje sesishubile. Abalandeli beWydad bamjikele ngemuva kwesizini engeyinhle njengoba iqembu lidonsa kanzima.
Leli qembu lihlulekile ukulwela isicoco seligi, esesinqotshwe yiRS Berkane yize kusenemidlalo esele.
Liphinde lawasha ijezi kwiThrone Cup ngempelasonto edlule, lehlulwa yiMA Tetouan. Lokhu kuvuse intukuthelo eyengeziwe kubalandeli.
Noma kunjalo, iWydad isangaqeda endaweni yeCaf Champions League noma yeConfederation Cup.
Lokho kungenzeka uma iwina imidlalo embalwa esele. Kodwa ikusasa likaMokwena lona lilengela eweni.
Imenenja yakhe kulindeleke iliangise eCasablanca kuleli sonto. Izohlangana nabaphathi beqembu ukuze kube nezingxoxo eziphuthumayo ngalesi simo sakhe.
Uma ehlala, iWydad kuzomele izibophezele ekukhokheleni iholo lakhe noma ibhekane necala elizofakwa kwiFifa.
Okuxakayo ukuthi le kilabhu beyingaphansi kwesigwebo seFifa sokungathengi abadlali ngesikhathi kufika uMokwena.
Nokho, bazikhokhile izindleko ngesikhathi futhi basayina abadlali abangu-22.
Kodwa alikho nelilodwa isenti elikhokhelwe lo mqeqeshi kuze kube manje. Nokho kulindeleke isinqumo esikhulu ngaye kuleli sonto.
Okwamanje isikhathi sikaRulani Mokwena kwiWydad kubukeka sizophela ngokushesha kunalokho obekuhleliwe.
