Ezintsha

Ngabe uMaMkhize uzosamukela isinqumo sePSL ngeRoyal AM? 

Ibhodi le-PSL lizohlangana ngoLwesine ukuze livotele ukuxoshwa kweRoyal AM kule nhlangano.

Lokhu kuvota kulandela isincomo sekomidi eliphezulu le-PSL sokuhoxisa ubulungu be-Royal AM.

I-FARPost ibika ukuthi uMaMkhize ucele ukuba khona kulo mhlangano ozoba seSandton Convention Centre.

Kulindeleke ukuthi akhulume namaqembu ePSL axolise ngokwehluleka kweqembu ukuqhubeka nemidlalo yalo kule sizini.

I-Royal AM igcine ukudlala ngoDisemba 29. Idlale imidlalo engu-11 kuphela kule sizini, kanti amaqembu amaningi asedlale engu-25.

NgoJanuwari, iPSL yamisa imidlalo yeRoyal AM ngenxa yezinkinga zemali kuleli qembu.

Leli qembu lifakwe ngaphansi kweSars njengoba lo mqoqi wentela ubefuna ukubuyisa imali engaphezu kuka-R40 million okuthiwa uyikweletwa uMaMkhize.

I-PSL yayicele ubufakazi bokuthi i-Royal AM ingakwazi ukuqedela isizini – kodwa lokho kugcin kungenzekanga.

Imizamo yokudayiswa kwale kilabhu esidlangalaleni nayo kubukeka igcine ibhuntshile. 

Owayenqobe umbango wokuyithenga wehluleka ukufaka imali ngesikhathi okuvunyelwene ngaso, aphela kanjalo amathemba okuhlengwa kwaleli qembu.

UMaMkhize, owangena ngegiya eliphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika, ubonakala eselungele isahluko esisha.

Ubonakale emdlalweni wamanqamu we-Ingwenyama Cup Eswatini ngempelasonto edlule. 

Ubegqoke imibala yeMoneni Pirates, kanti kuvele ukuthi usezingxoxweni zokusebenzisana noma ukuthenga leli qembu. 

Uma ubulungu be-Royal AM buhoxiswa, lokho kuzophawula ukuphela kwesahluko esimangalisayo emlandweni we-PSL.