Betway PremEzintsha

Isizathu ‘sangempela’ sokuxoshwa kukaBadela kwiCity

ALFRED Ngubane

Iveze nokuthi abadlali baleli qembu abazange bayamukele kahle indlela entsha yokudlala efike nalo mqeqeshi osemncane.

Ngokusho kukaKadodia, inkinga enkulu kube ukuthi umqeqeshi wafuna ukuguqula indlela yokudlala efaka nonozinti. 

Ukhulume ngokukhethekile ngoDarren Keet, unozinti oneminyaka engu-36 ubudala.

Ukholwa wukuthi lo nozinti bekungelula ukuthi afunde indlela entsha yokudlala kule minyaka akuyo manje.

“Ubungeke uthathe unozinti oneminyaka engu-36 owazi ukudlala ngendlela eyodwa…

“Bese wena ufuna ukumenza abe unozinti okwazi ukuqala iminyakazo emuva,” kusho uKadodia.

Uqhube wathi abadlali beCity “bebengakhululekile” ngendlela entsha yokudlala futhi lokhu bekubonakala nasendleleni ababedlala ngayo. 

Lokhu kubukeka kube yisona isizathu esikhulu esadale ukuba kuqedwe ubudlelwano noSinethemba Badela.

Lesi sigameko singase sibe nomthelela omkhulu esikhathini esizayo seCity nasekuphathweni kwabadlali.

Ukukwazi kwabo ukuxoshisa uSinethemba Badela kusho ukuthi nangokuzayo bazogoloza uma kunezinguquko ezinkulu kwindlela yokudlala.