EzintshaKaizer Chiefs

Ngibonga izinkumbulo, kubhala uDove evalelisa kwiChiefs

Inkontileka yakhe kuleli qembu laseNaturena izophela uma kusongwa uJuni, kanti ngeke isavuselelwa.

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ube ngumdlali wesine osekuqinisekisiwe ukuti ngeke esaba yingxenye yaMakhosi ngale kwesizini ka-2024/25.

Ulandela uSabelo Radebe, uRanga Chivaviro, noNjabulo Blom ukushiya eNaturena. UBlom yena ubuyele kwiSt. Louis City e-US.

Abalandeli abaningi basale bemangele ngesinqumo seKaizer Chiefs sokungayeluli inkontileka ka-Edmilson Dove. 

Lo mdlali wasemuva odabuka eMozambique ubengumdlali ojwayele ukuqala imidlalo futhi eyintandokazi yabalandeli.

Ukuhamba kukaDove kumenyezelwe ngoLwesibili. NgoLwesithathu, ungene ku-Instagram evalelisa eqenjini nakubalandeli balo.

“KuKaizer Motaung othandekayo, ngiyabonga ngokungivumela mina nomndeni wami ukuba sibe yingxenye yomndeni waMakhosi,” kubhala yena.

“Kube wuhambo olumangazayo. Angikhulanga nje njengomdlali kodwa nanjengomuntu. 

“Sibe nezikhathi ezimnandi nezimbi, izinyembezi nenjabulo — izikhathi engizozazisa kuze kube phakade.”

U-Edmilson Dove uphinde wabonga wonke umuntu ekilabhini, kozakwabo, abaqeqeshi nabalandeli.

“Kuwo wonke umqeqeshi, ozakwethu, umphathi wejezi, osebenza engadini, abasebenzi basekhishini… ngiyabonga. Isibopho esisidalile asisobe sanqamuka.”

Akazange abakhohlwe abalandeli: “Kubalandeli abathembekile, ngiyabonga ngokusesekela kwenu okungenamkhawulo. 

“Ngisho noma sihlulekile ukuletha impumelelo, nime nathi. Ngiyanazisa futhi ngiyanithanda.”

Uphethe ngomlayezo oya emndenini wakhe: “Uma izikhathi zimnyama, ningukukhanya kwami. Niyisizathu sokuphila kwami.”

Lo mdlali wasemuva udlale imidlalo engu-56 kwiChiefs kusukela ejoyine ngo-2022.

Isahluko esilandelayo emsebenzini wakhe sisazoqinisekiswa.

Kodwa kunemibiko yokuthi uzobhekisa amabombo eMiddle East ukuyoqeda khona umsebenzi wakhe.