Ezintsha

UMokwena uveza ukuthi waligeja kanjani ithuba le-Al Ahly

Ekhuluma ngohambo lwakhe lokuqeqesha muva nje, uRulani Mokwena udalule ukuthi wake waba nezingxoxo eziqinile ne-Al Ahly.

Okokuqala kwakumele ahambe noPitso Mosimane eyoba yiphini lakhe ngesikhathi eshiya iMamelodi Sundowns kodwa akwengenzeka.

Uphinde wafunwa kulesi sikhundla kulezi zingqwele zebhola lase-Afrika ngemuva kokushiya kwakhe kwiSundowns eminyakeni ecishe ibe mibili edlule.

“Kuke kwakhulunywa ngokuthi ngiya kwi-Al Ahly noPitso… Kodwa kuphinde kwenzeka nangesikhathi ngiqeda kushiya kwiSundowns,” kusho uMokwena. 

“Nakuba babenoMarcel Kohler ngaleso sikhathi, kwakunezingxoxo eziningi phakathi kwabangimele naleli qembu.”

Kodwa ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo, uRulani Mokwena wabe esejoyina iziqhwaga zaseMorocco iWydad Athetic lapho ahlale khona izinyanga eziyisishiyagalombili.

“Futhi ukube ngaba nesineke, mhlawumbe ngabe ngaphelela kuyo (i-Al Ahly). Kodwa angisho ukuthi ukuya kwiWydad kwaba yiphutha.

“Kube yizinyanga eziyisishiyagalombili ezimangalisayo kimi lapho – kunginike isipiliyoni esingakholakali. Angizisoli neze,” kwengeza lo mqeqeshi.

URulani Mokwena – oneminyaka engu-38 ubudala – kumanje ucija iziqhwaga zase-Algeria, iMC Alger aseyifake esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League.

Baseqoqweni elilodwa neqembu lakhe lakudala iSundowns futhi bazohlangana emdlalweni obhekwe ngabomvu ngoLwesihlanu.