
Usale ebakaza, wakhala ngoSaleng owe-Orbit egilwa yiStellies
IStellenbosch FC imvulele elinye ikhasi umqeqeshi we-Orbit College, yamfundisa ukuthi amaphutha ayajeziswa kwiBetway Premiership.
Bese kusele imizuzu emihlanu ukuthi i-Orbit College ithole amaphuzu amathathu abalulekile njengoba beyihamba phambili ngo 1-0.
Izinto beziyivuna njengoba iStellies beyisisisele nabadlali abayishumi enkundleni kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaThabo Moloisane.
Kodwa izinto zivele zajika esikhaleni, iStellies yathola amagoli amabili asheshayo nenze yashiya kukhalwa eNorth West seyihamba nawo wonke amaphuzu.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi we-Orbit College uPogisho Makhoye ukhale ngezinguquko aphoqeleke ukuzenza ngenxa yokulimala kwabadlali bakhe.
UMonnapule Salenge – obeyiphela endlebeni ezitobheni zeStellies – ukhishiwe kusasele ngaphezu kwemizuzu engu-15 umdlalo uphele.
“Siwulawule kahle umdlalo kwaze kwaba silinyalelwa abadlali – siphoqeke ukumshintsha uSaleng ngoba ebeselimele,” kusho uMakhoye.
“Nangemuva kokuthola igoli, sizamile ukuqinisa emuva kodwa sabapha ibhola elibekwe phansi elingenasidingo.
“Uma silimaka besinenqwaba yabadlali ebhokisini lethu kodwa asangakwazi ukubavimba ngendlela efanele. Sibe sesibakhisimuza nangamagoli amabili.”
Ube esebuzwa ngokuhluleka kwaleli qembu lakhe ukuvala emuva njengoba ungekho umdlalo ophela lingazange livuzise igoli.
“Yinto esiyilungisayo futhi namuhla besithi kuzokwenzeka ukuthi singadedeli goli kodwa akuvumanga.
“Sizovala kahle emuva ngelinye ilanga. Ngicabanga ukuthi sibaphile lo mdlalo. Bekumele siwulawule kagcono.
“Inkinga yokuvuza yinto esizoyilungisa, kodwa khona ngeke siyilungise ngosuku olulodwa,” kwengeza uMakhoye.
Lo mqeqeshi usezobheka ukwenza kangcono emdlalweni olandelayo. Usazoba nesonto lonke ukulungisa amaphutha.
FUNDA NALA | Zingezinhle kwiKaizer Chiefs izingqinamba zeZamalek
Nokho kuzomele azibambe ziqine njengoba bezovakashela iDurban City ekuhambeni ngoLwesithathu oluzayo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
