EzintshaKaizer Chiefs

Zingezinhle kwiKaizer Chiefs izingqinamba zeZamalek

IWhite Knights ifike eLimpopo ikhuthazwe wukunqoba kwayo ngo 1-0 ihlula iZESCO United yaseZambia ngempelasonto edlule.

Kodwa ukulimala kwabadlali abamqoka sekuphazamise amalungiselelo ayo alo mdlalo olindelwe ngabomvu ozoba ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

IKaizer Chiefs izobe ibheke ukuvuka izithathe ngemuva kokuqunjwa phansi ngo 2-1 yi-Al Masry e-Egypt, nokwenyusa ingcindezi kulo mdlalo wangoMgqibelo obalulekile kaGroup D.

Kubikwa ukuthi iZamalek ifike kuleli ngaphandle kukaNabil Emad Dunga, Abdullah Al-Saeed, Ahmed Rabie, Ahmed Hamdi, Nasser Mansy, Al-Mahdi Suleiman noMohamed El-Saeed.

Ukungabibikho kwabo kushiya lezi ziqhwaga zase-Egypt zishoda, okudala izinselelo kumqeqeshi uJosé Gomez emdlalweni odinga abenabo bonke abadlali abayizethenjwa zakhe.

Leli qembu likuqinisekisile ukuthi u-Al-Saeed uklunyuke umsipha, lathi: “Ukuhlolwa kufakazele ukuthi uklunyuke umsipha.

“Useqalile uhlelo lwakhe lokuhlunyeleliswa namuhla (ngoLwesithathu).” Lokhu kusho ukuthi ngeke abonakale emdlalweni wangoMgqibelo. 

IKaizer Chiefs izokwamukela iZamalek kulo mdlalo oqala ngo-3 ntambama kanti ngumdlalo ongase ucacise ukuthi kuzokhonya bani kuleli qoqo elinzima.