Ezintsha

IDowns ikhombise igebe eliphakathi kwayo neBucs

Leli qembu laseTshwane lihlule izimbangi zalo okuyizona ebezibukeka zingayiphazamisa kwiBetway Premiership, i-Orlando Pirates ngo 4-1 eLoftus Versveld. 

IPirates iye kulo mdlalo inethemba lokuthi izonciphisa igebe phakathi kwayo neSundowns ezihola phambili kwilogi.

Kodwa lokho akwenzekanga, kunalokho livele lanwebeka laba ngelamaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kokuhlulwa okungase kube nzima kuleli qembu laseSoweto. 

Ngaphambi kwalo mdlalo wangoMgqibelo, iPirates ibikade isefomini enhle futhi ibiqhuba kahle, idlala ngokuzimisela. 

Kodwa iSundowns ivele yabakhombisa ukuthi abekho ezingeni elilodwa okwamanje, futhi ayinayo imbangi kwiligi.

Njengoba isihamba phambili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, iSundowns manje isisethubeni elihle lokuvikela isicoco sayo, kube ngesesishiyagalombili kulandelana. 

Leli kuzoba elinye futhi irekhodi njengoba lingekho elinye iqembu eselike lakwenza phambilini ebholeni elikhokhelayo kuleli. 

Amagoli eSundowns aqhamuke kuLucas Ribeiro oshaye amabili, kwathi oGrant Kekana noTeboho Mokoena bashaya elilodwa emunye.