
Ngabe uSirino uzosebenza kwiChiefs? UMasilela unombono
- Sibongiseni GUMBI
Njengoba selehlise isasasa ngokusayina kukaGaston Sirino kwiKaizer Chiefs ngemuva kokushiya iMamelodi Sundowns, manje sekubhekwe ukuthi uzoqhubeka nefomu efanayo yini kuMakhosi.
Eminyakeni embalwa edlule, abadlali abasuke kwiSundowns baya kwiChiefs kubhekwe lukhulu kubona abazange bafike emazingeni abebhekwe kubo.
Kodwa uSirino wesekwa ngowayengumdlali wasemuva kwiChiefs, uTsepo Masilela ukuthi abe ngumdlali omqoka kuMakhosi.
“Yebo, uyena ngempela iChiefs umuntu ebimdinga,” kusho lo mdlali owake wadlala kwiBafana Bafana ohlelweni lwe-Soccer Beat.
“Badinga uNombolo 10 ozofaka inhlansi eqenjini, akhele abagadli amathuba okushaya amagoli.
“Uyakwazi nokushaya amagoli, futhi ngicabanga ukuthi uzoba yimpumelelo enkulu kwiChiefs.”
UMasilela uthe ngokwakhe lo mdlali wase-Uruguay kumele adlaliswe kuNombolo 10, futhi anikezwe inkululeko yokuhola iqembu uma lihlasela.
“Ngingamdlala njengoNombolo 10, angicabangi ukuthi uwuhlobo lomdlali okwaziyo ukudlala ezimpikweni.
“Ngeke ulindele ukuthi alandele umdlali wasemuva ophikweni ngoba ngalokho ungaphuthelwa wumlingo wakhe, ubuhlakani bokuhlasela obuvela kuye.
“Ngingamsebenzisa kakhulu njengoNombolo 10 ovilaphayo, umuntu esingamnika ibhola ukuze aqale iminyakazo yokuhlasela ngokuzumisa uma siqeda ukudla ibhola embangini.
OLUNYE UDABA: Ubhodla umlilo uDe Sa ngokuxhashazwa kwabaqeqeshi
“Unekhono lokuthatha izinqumo ezinhle kani ushaya namagoli amqoka,” kuchaza uMasilela.
