Bafana BafanaEzintsha

UPitso uphawula ngokujoyina kukaMbokazi eleMLS 

Umqeqeshi onegama u-Pitso Mosimane, usevikele isinqumo sika-Mbekezeli Mbokazi sokujoyina iqembu lase-US, iChicago Fire.

Uthi lesi yisinyathelo sizomvulela amasango okudlala kumaligi amakhulu ase-Europe.

UMbokazi ushiye i-Orlando Pirates ngoJanuwari, wajoyina leli qembu elidlala kwiMajor League Soccer (MLS).

Nokho kukhona – okukhona kubo nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos – abebengabaza ukuthi lena yindawo efanele ukuqhubekisela phambili umsebenzi wakhe.

Kodwa uMosimane uthi iMLS isiphenduke iligi ebalulekile kubadlali abafuna ukuya e-Europe.

“UMbokazi uye kwiChicago Fire, futhi ngiyazi ukuthi baningi abathi mhlawumbe bekungesona isinqumo esifanele. 

“Kodwa sekukhona abadlali abadlale kwiMajor League Soccer bagcina sebedlala kwi-English Premier League,” kusho uMosimane.

“Ngakho yisinyathelo esihle. IMLS iyinkundla enhle kakhulu. Njengamanje usohambweni lokuzilungiselela ukuya e-Europe, futhi udlala nabadlali abasezingeni eliphezulu.”

UMosimane uveze ukuthi uShaun Bartlett wake wadlala e-US ngaphambi kokuyodlala kwiCharlton Athletic e-England.

Lo mqeqeshi owake wahola iMamelodi Sundowns uthi abadlali baseNingizimu Afrika kufanele baqonde ukuthi akulula ukusuka ngqo kwiBetway Premiership uye kwiPremier League.

“Asisona isizwe esikhulu ebholeni ukuthi sisuke lapha siye ngqo kwi-English Premiership,” kuqhuba uMosimane. 

“Yingakho iMajor League Soccer ingaba yisinyathelo sokudlulela phambili. 

“Namazwe afana neBelgium, lapho sekukhona khona uRelebohile Mofokeng, yilapho noPercy Tau aqala khona ngaphambi kokudlulela phezulu.”

U-Pitso Mosimane ukholwa ukuthi ukudlala kwiMLS kuzonika u-Mbekezeli Mbokazi ithuba lokukhula, athole amava bese ezivulele indlela yokudlala kumaligi amakhulu ase-Europe.