DStv PremiershipEzintsha

Ubhodla umlilo uDe Sa ngokuxhashazwa kwabaqeqeshi

  • Alfred NGUBANE

Ekhuluma neLisenethini kuleli sonto, uDe Sa uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngalesi simo esibonakala sibhebhetheka.

“Amaqembu afana neChippa United, Polokwane City, Royal AM, AmaZulu FC, Sekhukhune United, Marumo Gallants axhaphaza abaqeqeshi ngendlela engafanele,” kusho uDe Sa. 

Uthi la maqembu enza izethembiso ezinkulu kodwa aswele imali yokukhokhela abaqeqeshi nabadlali ngesikhathi. 

“Bathembisa izulu nomhlaba kodwa abanayo imali yokukhokhela izindleko zeqembu. 

“Bagcina bengabakhokheli abaqeqeshi nabadlali izinyanga zilandelana,” kuchaza uDe Sa.

UDe Sa uthe la makilabhu aphinde axhaphaze abaqeqeshi ngoba ayazi ukuthi basuke befuna umsebenzi, yingakho bengathathwa njengabantu abaqeqeshiwe.

Muva nje, iChippa United yehlise uThabo September esikhundleni sokuba ngumqeqeshi, yamenza iphini likaKwanele Kopo. 

ISekhukhune United yona ixoshe uLehlohonolo Seema, yabuye yambuyisa ngokuhamba kwesikhathi.

IRichards Bay FC imangaze abaningi idedela uVusumuzi “Kanu” Vilakazi owayisindisa ezembeni ngesizini edlule. 

UVilakazi ukhululwe kuleli sonto ngemuva kokunqaba ukwehliselwa esikhundleni sokuba yiphini, kanti sekuqashwe uBrandon Truter esikhundleni sakhe.

IMarumo Gallants iqashe uDylan Kerr, kodwa wasula ngemuva kwezinsuku ezingu-28 ngenxa yongezwani nabaphathi beqembu. 

IBaroka FC ixoshe uDan Malesela ngesikhathi semidlalo yokuhlungela ukunyukela kwiBetway Premiership, yaqasha uMorgan Mammilla.

Ukuphawula kukaDe Sa kugqamisa izinselelo ezibhekene nabaqeqeshi emaqenjini amancane ePremiership kuleli.