
IPirates idle ubhedu kuqokelwa izindondo zePSL
IPremier Soccer League (PSL) isikhiphe uhlu lwabadlali abaqokelwe izindondo ezilindwe ngabomvu ze-PSL Awards.
Futhi njengoba bekulindelekile, i-Orlando Pirates eyingqwele entsha yeBetway Premiership yiyo ehamba phambili ngokuqokwa.
Lokhu kulandela isizini ethokozisayo lapho leli qembu liqede ukubiusa kweMamelodi Sundowns kweminyakanyaka.
I-Orlando Pirates idle isicoco seligi ngosuku lokugcina lwesizini ihlula i-Orbit College egawulwe yizembe ngo 2-0.
Lokhu kuqinisekise ukuthi iqeda isizini inezindebe ezithathu okungokaqala eminyakeni engu-14.
Manje amehlo onke abheke kwisilomo esesishiyile kweziziMnyama, uRelebohile Mofokeng oqokelwe kwizindondo eziningi.
- FUNDA NALA | UPitso uncoma ukuthuthela kukaMbokazi e-US
UMofokeng usanda kusayina inkontileka yeminyaka emine neqembu laseBelgium, iRoyale Union Saint-Gilloise.
Akokelwe kanje ama-PSL Awards:
Betway Premiership Players’ Player of the Season
- Oswin Appollis (Orlando Pirates)
- Relebohile Mofokeng (Orlando Pirates)
- Kamogelo Sebelebele (Orlando Pirates)
Betway Premiership Goalkeeper of the Season
- Sipho Chaine (Orlando Pirates)
- Ricardo Goss (Siwelele FC)
- Brandon Petersen (Kaizer Chiefs)
Betway Premiership Defender of the Season
- Khuliso Mudau (Mamelodi Sundowns)
- Lebone Seema (Orlando Pirates)
- Nkosinathi Sibisi (Orlando Pirates)
Betway Premiership Midfielder of the Season
- Oswin Appollis (Orlando Pirates)
- Relebohile Mofokeng (Orlando Pirates)
- Teboho Mokoena (Mamelodi Sundowns)
Betway Premiership Young Player of the Season
- Isaac Cisse (Golden Arrows)
- Seluleko Mahlambi (TS Galaxy)
- Relebohile Mofokeng (Orlando Pirates)
Betway Premiership Coach of the Season
- Miguel Cardoso (Sundowns)
- Abdeslam Ouaddou (Pirates)
- Cedric Kaze noKhalil Ben Youssef (Kaizer Chiefs)
MTN8 Last Man Standing
- Oswin Appollis (Orlando Pirates)
- Tshepang Moremi (Orlando Pirates)
- Kamogelo Sebelebele (Orlando Pirates)
Carling Knockout Player of the Tournament
- Washington Arubi (Marumo Gallants)
- Mbekezeli Mbokazi (Orlando Pirates)
- Ndabayithethwa Ndlondlo (Marumo Gallants)
Nedbank Cup Player of the Tournament
- Darren Keet (Durban City)
- Siphamandla Ncanana (Durban City)
- Brooklyn Poggenpoel (Durban City)
Nedbank Cup Most Promising Player
- Kyle Jurgens (Durban City)
- Seluleko Mahlambi (TS Galaxy)
- Luphumlo Sifumba (Durban City)
Motsepe Foundation Championship Players’ Player of the Season
- Khethukuthula Ndlovu (Kruger United)
- Ronaldo Van Neel (Hungry Lions)
- Emile Witbooi (Cape Town City)
Motsepe Foundation Championship Young Player
- Gabriel Amato (Cape Town City)
- Emile Witbooi (Cape Town City)
- Cayden Fortune (Cape Town City)
Motsepe Foundation Championship Goalkeeper of the Season
- Malcolm Jacobs (Venda FC)
- Siphamandla Hleza (Milford)
- Mickey Van Der Hart (Cape Town City)
DStv Diski Challenge Player of the Season
- Bennet Mokoena (Mamelodi Sundowns)
- Lebo Mohlala (Orlando Pirates)
- Mpho Padime (Orlando Pirates)
Usuku okuzokhishwa ngalo abathole izindondo kwi-PSL Awards lusazomenyezelwa.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
