EzintshaOrlando Pirates

Ngabe uRiveiro noSaleng bazohlangana ‘phambili’?  

UMonnapule Saleng ungomunye wabadlali abagqame kakhulu ngaphansi kukaJose Riveiro kwiPirates futhi waba yingxenye ebalulekile yeqembu.

Eminyakeni emibili yokuqala kaRiveiro, ube nomthelela ekutheni iPirates inqobe iMTN8 neNedbank Cup kulandelana. 

Kodwa ukungaboni ngaso linye okubikwa ukuthi kube phakathi kwakhe nabaphathi kule sizini kumenze waphuma eqenjini kusukela ngoDisemba nyakenye. 

Yize leli qembu lingazange lenze isitatimende esisemthethweni ngesimo sikaSaleng, bekunamahlebezi okuthi akaneme ngemuva kokungadedelwa ukuya kwi-Al Ahly.

Leli qembu lase-Egypt kubikwa ukuthi lixhumane nePirates ngenhloso yokudayiselwa uSaleng, kodwa imizamo yalo yagaphumelela.

Kodwa manje njengoba ubudlelwano phakathi kwala makilabhu womabili bubukeka bungcono, sekungase kwenzeke lokhu. 

IPirates ivumile ukukhulula uRiveiro kusenesikhathi ukuze aqale umsebenzi wakhe ne-Al Ahly elungiselela iFifa Club World Club.

Kubikwa ukuthi i-Al Ahly icele lo mqeqeshi waseSpain ukuthi ayijoyine okungenani kusenenyanga ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano ose-US ngoJuni 14. 

Usihlalo wePirates, u-Irvin Khoza ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi uRiveiro uselitholile iqembu elisha asayine nalo, wabe esecela ukuthi asheshe akhululwe enkontilekeni yakhe neBucs.

Lokhu kuyinkomba yokuthi ubudlelwano bokusebenzisana buhle futhi uma uJose Riveiro ecela i-Al Ahly ukuthi iphinde izame uMonnapule Saleng, isivumelwano singenzeka kulokhu.

I-Al Ahly ibinomdlali waseNingizimu Afrika uPercy Tau eqenjini layo iminyaka emithathu, kodwa wahamba ngoJanuwari.

Ushiye ngemuva kokungaboni ngaso linye nobengumqeqeshi uMarcel Kohler, ogcine ekhonjwa indlela njengoba sekuqashwe uRiveiro nje.