Ezintsha

Ingabe iChiefs ibimfuna ngampela? UMfundo Thikazi uyacacisa

UMfundo Thikazi usegcine ephawulile ngamahlebezi amadala ammatanisa neKaizer Chiefs — ingabe yayimfuna ngampela?

Lo mdlali wasesiswini weCasric Stars ubemataniswa kakhulu nokufudukela eNaturena ngesikhathi esekwiRoyal AM.

Yilapho aqala khona ukuzibonakalisa njengomunye wabadlali abahlaselayo abahle kakhulu kwiBetway Premiership.

Ekhuluma nabeFARPost kuleli sonto, uThikazi ukhiphe ingonyuluka ngalamahlebezi.

“Ngangike ngizwe ngokuthi iKaizer Chiefs iyangifuna kwabezindaba… kodwa angikaze ngitshelwe lutho ngalokho,” kusho uMfundo Thikazi.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ukubeke kwacaca ukuthi naphezu kwalo msindo ngaye, akukho okubambekayo okwake kwavela.

“Ngangivame ukukubona ezinkundleni zokuxhumana… kodwa lokho angizange ngikufake ekhanda. 

“Ngavele ngagxila emsebenzini wami nokuqhubeka nokushaya amagoli,” kwengeza le nsizwa emfishanyana.

UThikazi uhlale amasizini amane enza kahle kwiRoyal AM, waba ngumdlali obalulekile ngejubane nekhono lakhe lokushiya izitobha zinkemile.

Kodwa-ke, ukuvalwa kwekilabhu — okuxhumene nezinkinga zemali ezibandakanya umnikazi wayo uShauwn Mkhize — kwamphoqa ukuthi aqhubekele phambili.

Wabe eseya kwiRichards Bay FC kodwa wahlala isikhashana kuyo, ngaphambi kokuthi adluelle kwiCasric Stars.

Manje, uThikazi usegxile ekusizeni iCasric alwele ukukhushulelwa kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini.

Leli qembu liphinde libe semjahweni weNedbank Cup njengoba izobhekana neDurban City kowandulela owamanqamu kule mpelasonto.

Yize agcina engayanga kwiKaizer Chiefs, uMfundo Thikazi unombono ocacile: ukukhuluma ngezenzo enkundleni bese okunye kulandela.