
AmaZulu athole induku kwaphela amazwi ku-Arthur Zwane
U-Arthur Zwane, oqeqesha AmaZulu FC, uthi usephelelwa amazwi okuchaza ukuthi kungani iqembu lakhe lizifaka lona obishini njalo nje.
Usuthu udlale kahle, kodwa lwenza amaphutha alufake obishini lokuhlulwa ngo 1-0 yiStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Ukuhlulwa kushiye AmaZulu enganyakazi endaweni yesikhombisa la enamaphuzu angu-33 ngemuva kwemidlalo engu-26, kanti u-Arthur Zwane uphelelwe amazwi okuchaza lo mphumela.
“Sihlezi siyilungisa ejimini le ndaba yokusheshe sidedele amagoli – nokwenza isiqiniseko sokuthi asivumi nhlobo ukungenelwa amagoli,” kusho uZwane.
“Kodwa siphinde savuma ukulidedela lisuka ebholeni ebelibekwe phansi ekubeni bekuyithi ebesilawula umdlalo.
“Umdlali wethu obephethe ibhola unqume ukujika angene ngaphakathi esikhundleni sokugijima aye eceleni njengomdlali wasophikweni.
“Uma ujikela ngaphandle, usengakwazi ukubuya uzihlele kabusha uma ulahlekelwa yibhola bese ulidla libuyele kuwe.
“Kodwa uma ujikela ngaphakathi, bese belidla ibhola bathola izimbobo zokusilimaza.
“Simake kahle kuleso simo, kodwa kwabe sekuba yikhona… Ngicabanga ukuthi bekufanele senze kangcono.
“Kodwa leyo yinkinga yethu kuyo yonke le sizini. Angasazi ukuthi ngithini manje.
“Ngiqonde ukuthi, kimina leliya bhola belihambela phansi kakhulu futhi unozinti nanoma ke yimuphi umdlali wasemuva bekufanele alichithe.
“Kodwa abakwenzanga lokho sagcina singenelwa yigoli, sahlulwa kulo mdlalo,” kwengeza uZwane.
Le nsizwa ebingumqeqeshi weKaizer Chiefs phambilini, ithe baqale kahle kulo mdlalo futhi bekubukeka sengathi bazolishaya kuqala igoli.
Kodwa ngemuva kokungenelwa yigoli, izinto zivele zajika zabaqansela kakhulu bagcina nehlulekile ukubuya.
Igoli leStellies, eliyigxumisele endaweni yesithathu, lishaywe uSanele Barnes esiwombeni sokuqala.
