EzintshaKaizer Chiefs

Konakalephi iChiefs ibhonywa? UNabi uyenaba

Amakhosi azithole etheleka ngehlazo emdlalweni weBetway Premiership, eshayelwa ekhaya ngo 4-1 ngoLwesibili ebusuku. 

ISuperSport ikhonye ngamagoli kaSamir Nurkovic, elikaChristian Saile, elikaGhampani Lungu, nelikaSiphesihle Ndlovu. 

Igoli lokubika ekhaya leChiefs liqhamuke kuGlody Lilepo, okungelesithathu emidlalweni emine kusukela efikile kuleli qembu.

Yize umphumela umubi, uNabi ukholwa ukuthi iqembu lakhe lidlale kahle. 

Nokho, waba nomuzwa wokuthi isikhathi esincane sokululama sibe nomthelela omubi.

“Bekuwumdlalo onzima futhi sihlulwe kabuhlungu,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Ngeke ngenze izaba, kodwa iqiniso liwukuthi sibe nezinsuku ezimbili kuphela zokululama. 

“Abadlali banikele ngakho konke, kodwa ngokomzimba, bekunzima kubo. Uma umzimba ungavumi, yonke into iyahlukana.”

ISuperSport ishaye igoli lokuqala ngomzuzu wesithathu, iChiefs yathwala kanzima ukubuya. 

UNabi uphinde waveza ukuthi izimbangi zabo zibe nesonto lonke ukuthi zilulame, kanti iChiefs inezinsuku ezimbili kuphela.

“Sibaphe amagoli amathathu alula. Abe ngenxa yamaphutha nje ethu,” kwenaba uNabi.

“Lezi zinto ziyenzeka, ngisho nasemaqenjini amakhulu. Umdlalo owodwa omubi awusho lutho.”

UNabi uvumile ukuthi ukuhlulwa bekubuhlungu kodwa uhlale enethemba lokuthi bazobuya bengcono emdlalweni olandelayo.