
Mokwena v Ramovic: Isasasa ‘ngempi’ yabo e-Algeria
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Umbango wabaqeqeshi abazakhele igama eNingizimu Afrika oRulani Mokwena noSead Ramovic usaqhubeka — futhi ngathi sewushube kakhulu kunangaphambilini!
Laba baqeqeshi ababili sebewuqhuba e-Algeria lo mbango wabo la kuthiwa basaqhubeka ngokujikijelana ngemicibisholo yamazwi.
Kodwa manje le mpi yabo isingombango wokuthi ngubani inkunzi phakathi kwabo kwiligi enkulu yase-Algeria, iLigue 1.
I-MC Alger kaRulani Mokwena indizela phezulu — yiyo eqhwakele njengamanje kwilogi futhi ayikahlulwa emidlalweni eyisikhombisa.
Inqobe eyisithupha, yadlala ngokulingana kowodwa kanti inamaphuzu angu-19 – ishiya i-Olympique Akbou esendaweni yesibili ngamaphuzu amabili.
I-CR Belouizdad kaSead Ramovic isakhona emjahweni – okwamanje isendaweni yesikhombisa kodwa isele ngamaphuzu ayisithupha.
Womabili la madoda afuna into eyodwa — isicoco seligi. Futhi akekho phakathi kukaRulani Mokwena noSead Ramovic ozohlehla.
Umbango wabo uqale ekhaya eNingizimu Afrika — uMokwena ekwiMamelodi Sundowns, uRamovic ekwiTS Galaxy.
Manje, ngemva kokuhlala eMorocco naseTanzania, sebephinde bahlangana eNyakatho Afrika. Abezindaba base-Algeria bawujabulele lo mbango wabo.
“Abaliyeki ithuba lokuziqhayisa ngemiphumela yabo,” kusho intatheli yase-Algeria uBilel Fattoum.
FUNDA NALA | Ingwazi yePirates nesixwayiso kuDansin
Abalandeli nabo bayawuthanda lo mbango wabo ngoba babona uzonyusa izinga leligi yabo.
Kumanje umdlalo walamaqembu abo kuthiwa usungomunye webhekwe ngabomvu ekhalendeni yase-Algeria.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
