
IPolokwane City nesibuyekezo ngoMoloto oquleke kowaMaZulu
Umqeqeshi we-Polokwane City u-Willy Moloto uphoqeleke ukuthi ashiye umdlalo uphakathi ngesikhathi iqembu lakhe libhekene naMaZulu FC.
UMoloto ubengazizwa kahle ngaphambi kwalo mdlalo obuse-Old Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Nokho kuthiwa uzame ukuziqinisa ngoba azi iqembu liyamdinga, waya enkundleni yize ebenomkhuhlane.
Ngesikhathi umdlalo uqhubeka, isimo sakhe siye ngokuba simbi waze waphoqeleka ukuba ashiye phakathi aye egumbini lokushintshela.
Manje kuvela ukuthi ngesikhathi esesemhubheni obheke kuleli gumbi, uvele wafikelwa yisiyezi wawa.
Abosizo lokuqala babe sebemelapha khona lapho ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela, lapho egcinwe khona ubusuku bonke.
Iphini lakhe uMkhuseli Sentane uthe izimpawu bezivele zikhona ngaphambi kokuthi umdlalo uqale.
“Ngaphambi kokuthi size lapha, ubephethwe umkhuhlane omubi impela,” kusho uSentane ngemuva komdlalo.
“Kodwa ngenxa yokuthi uyindoda eqinile, uthe uzoza nathi lapha emdlaweni.”
Nokho, isimo sakhe siye ngokuba sibi ngesikhathi behleli bezama ukunikeza abadlali imiyalelo.
“Ngeshwa, ngesikhathi sihleli lapho sizama ukunikeza abadlali imiyalelo, kwaba kubi kakhulu,” kuqhuba uSentane.
“Ngifuna ukumfisela ukululama ngokushesha ukuze abuye azoba nathi. Masithembe ukuthi uphilile, ngoba bekuwumkhuhlane nje.”
- FUNDA NALA | UMoloisane ubheke amaphuzu kuphela kowe-Arrows
Ikhefu leFIFA lizonikeza u-Willy Moloto isikhathi elulame, njengoba i-Polokwane City izophinde idlale ngo-18 Okthoba, ibhekene neSiwelele FC.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
