EzintshaOrlando Pirates

UKanalelo ‘ugcone’ iPirates, ethi ayikaze imshaye

I-Orlando Pirates izobhekana neMarumo Gallants eRoyal Bafokeng Stadium ngeSonto ntambama, ibheke ukunciphisa igebe kwiMamelodi Sundowns.

Kwelinye icala, iGallants idinga amaphuzu amathathu okuqala kule sizini njengoba iyibambe emsileni kwilogi.

Lo mdlalo weBetway Premiership uzoba ngowokuqala kuRonny Kanalelo kusukela eqokwe njengomqeqeshi omusha kwiGallants kuleli sonto.

Lo nozinti owake wadlalela iSundowns uye kulo mdlalo ekhuluma ngomlando wakhe uma ebhekene nePirates.

“Kunamandla nomoya engikulethe kulo mdlalo. Emidlalweni eminingi engidlale kuyo ngibhekene nePirates, angikaze ngihlulwe,” kusho uKanalelo.

Nokho, kunemininingwane ebalulekile kulokho akushilo.

Ngo-26 Okthoba 2002, khona eRoyal Bafokeng Stadium, iPirates yanqoba iSundowns ngo-2-0 ngamagoli kaBenedict Vilakazi noLesley Manyathela ongasekho.

UKanalelo wayengunozinti weSundowns ngalolo suku. 

Ngakho-ke mhlawumbe ukhiphe le nkulumo yakhe esewulibele lo mdlalo.

IPirates ayinazo izinkinga ezintsha zokulimala, kanti uGamphani Lungu usebuyile eqenjini.

IPirates ibophele kanje: Chaine; Sibisi, Seema, Ndaba, Sebelebele; Selepe, Mokobodi, Masilela; Moremi, Kgositsile, Mbuthuma.

Ebhentshini: Dladla, Zulu, Hotto, Mthiyane, Nemtajela, Padime, Appollis, Lungu, Pedersen.

ISundowns isaqhwakele phezulu kwilogi, i-Orlando Pirates izozama ukuvala igebe, kanti iGallants yona izingela ukunqoba kwayo kokuqala kule sizini.

Lokhu, kuhlangene nokushiwo uKanalelo, kuyizinongo ezizokwenza lo mdlalo ube ngoshisayo.