
Mngqithi: Kungani uBroos ephoqeleka ukuqoka abePirates
UManqoba Mngqithi ukholwa wukuthi kungaba wusizo kangcono kwiBafana Bafana uma kungaba namaqembu okungenani ayisikhombisa anabadlali abalwela ukungena eqenjini lesizwe.
Kodwa uthi iqiniso libeka ukuthi umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos kumele aqoke abadlali abaningi kwi-Orlando Pirates.
UManqoba Mngqithi uthi okwamanje mabili kuphela amaqembu akhiqiza abadlali abafanelwe yiqembu lesizwe – yiPirates neMamelodi Sundowns.
Ekhuluma ngesikwati esisanda kuqokwa nguBroos aya naso kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon), uMngqithi uthe akumele agxekwe lo mqeqeshi.
“Okwamanje yiPirates neSundowns abakhiqiza abadlali beqembu lesizwe,” kusho uMgqithi.
“Ngokufanelekile, sidinga ukuba nabadlali emaqenjini ayisithupha noma ayisikhombisa abalwela ukuthola izindawo eqenjini lesizwe.
“Lokhu kungasiza ukuthi uma kubhimba eqenjini elilodwa, bese kungena abamanye,” kwengeza lo mqeqeshi weGolden Arrows.
Ube eseveza isibonelo sokuthi abadlali bePirates kwenzeke kanjani babe baningi kunabeSundowns kwiBafana.
Lokhu kungenxa yokuthi umgqigqo weSundowns wehlile onyakeni odlule – noma nje kusukela kuhambe uRulani Mokwena.
Kukhona nokuthi ke leli qembu manje selithembele kakhulu kubadlali bangaphandle abangke bakwazi ukungena kwiBafana.
“Ngokuma kwesimo njengamanje, uma ubheka iqembu elikhethwe nguHugo, iPirates inabadlali abaningi bese kuba yiSundowns.
“Angikwazi ukumsola ngalokho ngoba kuphoqwa yiqiniso lesimo samanje,” kusho uMngqithi.
“Abantu vele bazosho lokhu nalokhuya… kodwa iqiniso wukuthi iPirates inabadlali abaningi bakuleli eqenjini layo.
“ISundowns ayinabo abadlali bakuleli kangako. Iqembu leSundowns eliqala imidlalo manje liba nabadlali abahlanu noma abayisithupha abangeke badlala kwiBafana.”
IPirates – eqhuba kahle – ivamise ukufaka abadlali bakuleli abangu-10 eqenjini layo eliqala imidlalo, bese kuba oyedwa wangaphandle noyedwa ebhentshini.
FUNDA NALA | UBaloyi uxwayisa uMatlou ngokuduma ezinkundleni zokuxhumana
Abadlali bangaphandle eqenjini lePirates kule sizini nguDeon Hotto no-Abdoulaye Mariko – ongadlali njalo – kuphela.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
