Ezintsha

Uzifake kunoxhaka uJose Riveiro kwi-Al Ahly

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates umataniswa nalezi ziqhwaga zase-Egypt ngemuva kokushiya kwakhe kwiPirates ingakapheli inkontileka yakhe.

Kukholakala ukuthi i-Al Ahly icele ukuthi uJose Riveiro aqale lo msebenzi wakhe kusenesikhathi ukuze abe okungenani nenyanga ukulungiselela iqembu iFifa Club World Cup. 

Njengamanje i-Al Ahly ayinaye umqeqeshi ngemuva kokuxosha uMarcel Kohler obeseneminyaka emithathu ekuleli qembu. 

Ngesikhathi uJose Riveiro enze kahle kwi-Orlando Pirates, ewina izindebe ezinhlanu ngesikhathi sakhe, uKohler wenze kangcono kakhulu kwi-Al Ahly.

Laba baqeqeshi ababili bafike emaqenjini abo akudala ngesikhathi esisodwa. 

UKohler uqhubekile nokuwina izindebe ezingu-11 eminyakeni emithathu ekwi-Al Ahly:

  • Caf Champions League x 2
  • Egypt Premier League x 2
  • Egypt Cup x 2
  • Egypt Super Cup x 4
  • Fifa Africa-Asia Super Cup x 1

Kodwa naphezu kwale mpumelelo, abaphathi be-Al Ahly bamxoshile uKohler ngokuhluleka esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu esewudlala okwesithathu lo mqhudelwano.

Ngaphambi kokuthi ajoyine i-Al Ahly, uKohler ubevele enerekhodi elihle lokuwina ezinye izicoco eziningi zeligi eYurophu. 

Manje uJose Riveiro angase athole ngokushesha ukuthi i-Al Ahly ifana nebhubesi elihlezi lilambile. 

Kungenzeka ukuthi ushiye kwiPirates eyiqhawe, kodwa angase akhonjwe indlela kwiRed Devils uma engayinqobi iChampions Legaue.

KwiPirates ukufinyelela kowandulela owamanqamu kwiChampions League kuthathwe njengempumelelo enkulu.

Kodwa kwi-Al Ahly ukuyinqoba kuphela okulindelekile, ngaphandle kwalokho, uzokhonjwa afike ngayo.