
UJose Riveiro ugcine ephahlukile ngoSaleng
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi akanaso isikhathi sokukhathazeka ngabadlali abangekho eqenjini lakhe.
IPirates ilahle amaphuzu kwiBetway Premiership ngemuva kokudlala ngokulingana neStellenbosch FC edlale ingxenye enkulu yalo mdlalo ingasaphelele.
IStellies sisale nabadlali abayishumi ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kukaBrian Onyango kulo mdlalo obuse-Athlone Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lo mdlalo uphinde waqubula imibuzo ngokungabi bikho kukaMonnapule Saleng esibonakalile isikhala sakhe.
UMonnapule Saleng akakaze abonakale eqenjini kusukela ngoDisemba ngenxa yombango wenkontileka anawo nekilabhu.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Imibiko yakamuva iphakamise ukuthi uSaleng akajabule futhi angase acele ukukhululwa ekupheleni kwesizini.
Kodwa-ke, uJose Riveiro ugcizelela ukuthi ugxile kubadlali abakhona hhayi labo abangekho eqenjini njengoMonnapule Saleng.
“Angicabangi ukuthi abadlali bayawunqoba noma bangakunqobi umdlalo ngayedwana. Akekho othanda lesi simo (sikaSaleng), kodwa siyilokhu esiyikho.
“Akuyona inddawo yami ukukhuluma kakhulu ngakho. Okwami ukukhetha ukuthi ubani ongcono kulabo abakhona eqenjini,” kusho uRiveiro.
Ukholwa ukuthi iPirates inabadlali abanekhono abanele ukuthi yenze kahle yize uMonnapule Saleng engekho.
“Sinabadlali abalambile futhi abakulungele ukusebenzisa amathuba abanikwa wona.
“Zonke izindawo zinabadlali abenele. Siphila ngalokho esinakho njengamanje bese silungiselela ikusasa.”
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto, emdlalweni okumele iwunqobe ukuze ingaphumi emjahweni wesicoco seligi.
- FUNDA NALA | AmaZulu asegabhe omunye uVilakazi kubaqeqeshi bawo
Ilandela iMasandawana ngamaphuzu angu-18 ngemuva kokulingana ngoLwesithathu, kodwa inemidlalo emine esandleni.
Izoya kulo mdlalo isilele ngamaphuzu angu-18 kwiSundowns, yize isenemidlalo emine eyigohle ekhwapheni.
Uma ihlulwa, igebe lizothanda ukuqina kakhulu ukuthi isangalikhava, kanti uma inqoba izozixegisela umsebenzi oyihlalele.
