AmaZuluEzintshaKaizer Chiefs

Kuvuka uhlevane kuZwane uma ecabanga ngoKaizer Motaung

– Udaba ngu-Alfred Ngubane

“Njalo uma ngikhuluma ngosihlalo, ngizithola ngivukwa uhlevane,” kusho uZwane. “Ngilapho engikhona namuhla ngenxa yakhe.”

Igama likaMotaung lisenhliziyweni yebhola laseNingizimu Afrika — liwuphawu lombono, ubuholi, nokwenza kahle.

Lapho eneminyaka engu-25 nje kuphela ngo-1970, uKaizer Motaung wasungula iKaizer Chiefs. 

Kwaba wukuqala kwephupho elagcina liba yinto enkulu — indawo lapho ubuhlakani buhlangana khona nokuziphatha nalapho intsha yaseNingizimu Afrika yathola khona ithemba ngebhola.

IChiefs isikhule yaba yisikhungo sesiko lebhola, ikilabhu ethandwa kakhulu ngisho nangale kwemingcele yaseNingizimu Afrika. 

Umthelela kaKaizer Motaung umenze wanconywa umhlaba wonke, okuhlanganisa nokuhlonisjwa nge-Order of Ikhamanga. 

UZwane, odlale imidlalo engaphezu kuka-250 kwiChiefs futhi wanqoba izindebe ezingu-12, ubonge uMotaung ngokubumba impilo yakhe.

Ngemuva kokushiya iChiefs ngo-Okthoba nyakenye, uZwane ujoyine AmaZulu lapho esengumqeqeshi khona. 

Kodwa uyohlala ebonga ngalokho uMotaung neqembu lakhe abamenzele khona yena nomsebenzi wakhe ebholeni.

“Umbono wakhe wasakhela sonke ikhaya,” kusho uZwane. “Sizombungaza kuze kube phakade.”