
UMbule uphawula ngokubuyela kwiBafana
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uSipho Mbule, usebuyile eqenjini lesizwe njengoba ebizwe okokuqala kwiBafana Bafana kusukela ngo-2021.
Ukubuya kwakhe kuza ngemuva kokulimala kukaPatrick Masangwanyi okuphoqe ukuthi ashintshwe ngasekupheleni komdlalo wangeSonto la iPirates ishaye khona iChippa United ngo 3-0.
Kodwa kuMbule, lesi sikhathi sisho okungaphezulu kokuvala isikhala solimele nje.
Lo mdlali otekeyiswa ngelikaMaster Chef, futhi ozalwa eBethlehem unyuke esuka emazingeni entsha ebholeni laseNingizimu Afrika.
Kusukela edlala kuMajimbos kuya eqenjini lika-Under-23, uhambo lwakhe lube nolwamathuba alahlekile nokunikwa ithuba lesibili.
Luhlanganisa nobuhlungu benhliziyo abuzwa lapho ephuthelwa ukuyodlala kwiNdebe yoMhlaba ka-Under 17 ngo-2015 eChile ngenxa yokulimala.
Manje njengoba eseneminyaka engu-28 ubudala, uMbule usebuyele emgqigqweni wakhe kulandela ukujoyina kwakhe iPirates ngoJulayi ngemuva kokulahlwa yiMamelodi Sundowns.
Emidlalweni embalwa nje, akagcinanga nje ngokuchwazisa izihlwele e-Orlando Stadium kodwa uphinde wahlaba umxhwele umqeqeshi weBafana, uHugo Broos.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ube esembuyisela kwiBafana ngaphambi kwemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba abazobhekana kuyo neLesotho neNigeria.
“Sekunesikhathi eside ngagcina ukugqoka imibala yesizwe,” uMbule usho kanje kwisizindalwazi sePirates.
“Ngiyajabula kakhulu ukubuya. Manje sekukimi ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngihlale lapha.”
Njengoba sekusele imidlalo emine yokuhlunga, ikhono likaMbule lingaba yisikhali iNingizimu Afrika ebisidinga ukubuyela kulo mqhudelwano ngemuva kwesikhathi eside.
“Sonke siyazi ukuthi le midlalo emibili ibaluleke kangakanani ezweni lethu,” kuqhuba uMbule.
“Sifuna ukuyinqoba yomibili le midlalo kuze singene kwiNdebe yoMhlaba.”
FUNDA NALA | Usevukile umqeqeshi ‘owabulawa’ yibhola
Umdlalo wokuqala uzoba ngoLwesihlanu la iBafana izobhekana neLesotho eDr Molemela Stadium.
Lo mdlalo uzobe sewulandelwa ngoweNigeria eFree State Stadium. Yombili le midlalo izoqala ngo-6 ntambama.
