
UNabi ufuna abeChiefs ‘bajabule bazibheke🤘’
Kuneqiniso umqeqeshi weKaizer Chiefs afisa abalandeli baleli qembu abahambela phezulu bengalilibali – ukuthi kuseza izikhathi ezinzima.
Abalandeli beChiefs abathintwa kulezi zinsuku kulandela ukuthi iqembu labo liyiqale kahle isizini yeBetway Premiership kulokhu.
Emidlalweni emihlanu, iChiefs ayiyazi induku futhi isendaweni yesibili kwilogi ngemuva kokunqoba emine, yadlala ngokulingana kowodwa.
Iyalingana ngamaphuzu neSekhukhune United okuyiyo eqhwakele, isemuva ngenxa yesibalo samaphuzu.
UNabi unxuse abalandeli ukuthi basijabulele lesi siqalo esihle seqembu, kodwa bakulindele ukuthi kusangaba nezinselelo iqembu elizobhekana nazo.
Ufisa bengalihlamuki iqembu uma sekwenzeka kuba nemidlalo la lingenzi ngendlela abalindele ngayo.
“Lapho sifika, sasazi ukuthi iminyaka embalwa edlule beyinzima kuleli qembu,” kusho uNabi.
Ubekhuluma ngemuva kokushaya kwabo iGolden Arrows ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
“Zisuka nje, ngasho ukuthi inhloso yami wukubuyisela iChiefs lapho ifanelwe ukuba khona.
“Abalandeli kufanele basijabulele lesi sikhathi esihle, kodwa futhi bame nathi lapho izinto zingahambi kahle.”
FUNDA NALA | Uzungu lwabadlali kuxoshwa uRiveiro kwi-Al Ahly
Ukusho lokhu nje uNabi uyazi ukuthi abalandeli beChiefs bayashesha ukujika, bathuke noma bahhameze abadlali ngesikhathi bebadinga kakhulu.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoSepthemba 16 isiyobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi eFNB Stadium – lo mdlalo uyoqala ngo-7.30 ebusuku.
