
Kuvela usuku lokufika kukaPedersen kwiPirates
Sekunezindaba ezinhle kubalandeli be-Orlando Pirates ngomgadli wabo omusha, u-Sebastian Pedersen.
Lokhu kuza njengoba sekuvele usuku lo mgadli waseNorway okulindeleke ukuthi afike ngalo eNingizimu Afrika ukuze aqale impilo yakhe entsha neBucs.
UPedersen, oneminyaka engu-27 ubudala umenyezelwe yiPirates ngesonto eledlule ngemuva kokusayina inkontileka yeminyaka emithathu.
Le nkontileka inombandela wokwengezwa ngomunye unyaka. Uyijoyine esuka kwiSogndal yaseNorway.
Ukusayinwa kwakhe kususe isasasa elikhulu kubalandeli asebemagange ukumbona enkundleni.
Nokho kubukeka kusazomele balinde isikhashana ngaphambi kokumbona edlala njengoba ezofika kuleli ngoLwesibili, ngokubika kwe-iDiski Times.
U-Sebastian Pedersen waqeda ukuhlolwa kwezempilo nokusayina amaphepha ngesikhathi i-Orlando Pirates isohambweni lokulungiselela isizini eSpain.
Lokho kwenze waphuthelwa umdlalo wokuvula isizini lapho iPirates ishaye khona iMilford FC ngo 2-0 e-Orlando Amstel Arena.
Akulindelekile ukuthi uzodlala nangoMgqibelo uma iPirates seyibhekene neDurban City emdlalweni weMTN8.
Umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou uthi u-Sebastian Pedersen uzoletha okunye okuhlukile kwindlela i-Orlando Pirates ehlasela ngayo.
- FUNDA NALA | UDa Cruz uchazekile ngeChiefs
“UPedersen uzosijoyina nakanjani. Unezinto azoziletha eqenjini futhi uzoncintisana nabanye esinabo,” kusho u-Ouaddou.
“SinoBoitumelo Radiopane, uYanela Mbuthuma, u-Evidence Makgopa noSifiso Luthuli. Uzoba yingxenye yalowo mncintiswano.”
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
